Lumina
Job

God's Majesty

Job 37·Zulu Bible

1“Yebo, ngenxa yalokho iyathuthumela inhliziyo yami, isuke endaweni yayo.

2Yizwani, nizwe indumo yezwi lakhe, nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.

3Uyakukhipha phansi kwalo lonke izulu, nonyazi lwakhe luya emagumbini omhlaba.

4Emva kwalo kuduma izwi; uduma ngezwi lobukhosi bakhe; kalumisi unyazi, lapho lizwakala izwi lakhe.

5UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo; wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.

Job 37 illustration - Job Chapter 37

6Ngokuba uthi eqhweni: ‘Khithika emhlabeni;’ kanjalo nasesihlambini semvula, yebo, ezihlambini zemvula zakhe ezinamandla.

7Uyanamathelisa izandla zabantu bonke ukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.

8Seziya izilwane ezikhundleni zazo, zihlale emihumeni yazo.

9Isikhwishikhwishi siphuma ekamelweni laso, namakhaza emimoyeni ehlakazayo.

10Ngokuphefumula kukaNkulunkulu kuvela ungqoqwane, ububanzi bamanzi buqine.

Job 37 illustration - Job Chapter 37

11Yebo, uyathwesa amafu ngokuswakama; uyeneka amafu onyazi lwakhe.

12Ayajika, aphenduke njengokunquma kwakhe ukuba enze konke awayalayo ebusweni bomhlaba owakhiweyo,

13awafikise abe luswazi, afike ngenxa yomhlaba noma ngenxa yomusa.

14“Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.

15Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwayala kanjani, enze ukuba unyazi lwamafu akhe lukhanye na?

Job 37 illustration - Job Chapter 37

16Uyaqonda yini ukulinganiswa kwamafu, izimangaliso zoPhelele olwazini,

17wena ozingubo zakho zifudumala, lapho ethulisa umhlaba ngeshisandlu, na?

18Ungeneka isibhakabhaka njengaye, esiqinile njengesibuko esibunjiweyo, na?

19Sifundise ukuthi siyakuthini kuye; asinakuhlela indaba yethu ngenxa yobumnyama.

20Uyakutshelwa ukuthi ngiyakhuluma na? Ukhona yini oshoyo ukuthi makabhubhe na?

Job 37 illustration - Job Chapter 37

21Manje, abantu abanakukubona ukukhanya okukhazimula esibhakabhakeni,

22Ngasenyakatho kuvela inkazimulo yegolide; uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.

23USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.

24Ngalokho abantu bayamesaba; kepha akanaki abazishaya izihlakaniphi ngenhliziyo.”

Chapter Complete

You have read Job 37

24 verses