Lumina
Job

Elihu's Final Speech

Job 36·Zulu Bible

1U-Elihu waqhubeka wathi:

2“Ngihlalele kancane, ngiyakukubonisa, ngokuba ngisenamazwi okummela uNkulunkulu.

3Ngiyakulanda kude ulwazi lwami, nginike uMenzi wami ukulunga.

4Impela amazwi ami awasiwo amanga; unawe ophelele ekwazini.

5“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kepha kadeleli muntu; mkhulu emandleni okuqonda.

Job 36 illustration - Job Chapter 36

6Akenzi ukuba omubi aphile, kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.

7Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame kuze kube phakade.

8Uma beboshwa ngamaketanga, babanjwe ngezintambo zokuhlupheka,

9uyababonisa izenzo zabo neziphambeko zabo zokuthi baziphakamisile.

10Uyavulela izindlebe zabo ukulaywa, asho ukuba babuye ebubini.

Job 36 illustration - Job Chapter 36

11Uma belalela, bamkhonze, bayakuqeda imihla yabo ebuhleni neminyaka yabo kukho okumnandi.

12Kepha uma bengalaleli, bayakuphela ngenkemba, bafe bengenalwazi.

13“Abangesabi ngenhliziyo baqongelela ulaka; abakhali lapho ebabopha.

14Bafa besebasha, ukuphila kwabo kube njengokwezifebe zethempeli.

15Ukhulula ompofu ngobumpofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka.

Job 36 illustration - Job Chapter 36

16“Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi, uye endaweni ebanzi, lapho kungekho kunyinyeka khona, kunone okubekwa etafuleni lakho.

17Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi; ukwahlulela nokulunga kuyakubamba.

18Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi usashaywa, ungachezukiswa ngobuningi bamahlawulo.

19Ukukhala kwakho kungakusiza ukuba ungahlali osizini, nazo zonke izikhwepha zamandla akho, na?

20Ungafisi ubusuku, lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo.

Job 36 illustration - Job Chapter 36

21Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini, ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka.

22“Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na?

23Ngubani ommisele indlela yakhe na? Ngubani ongasho ukuthi: ‘Wenzile okubi,’ na?

24Khumbula ukukhulisa izenzo zakhe abahlabelela ngazo abantu.

25Bonke abantu bayazibona; abokufa bayazibuka besekude.

Job 36 illustration - Job Chapter 36

26Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi; umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.

27“Wenyusa amathonsi amanzi, abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe;

28amafu awenza ukuba aconse, awathele phezu kwabantu abaningi.

29Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafu nokuduma kwedokodo lakhe na?

30Bheka, uyasakaza ukukhanya kwakhe ngakuye; uyasibekela ubuphansi bolwandle.

Job 36 illustration - Job Chapter 36

31Ngokuba ngalokho uyabahlulela abantu, aphane kakhulu ngokudla.

32Uyasibekela izandla zakhe ngokukhanya, akuyale ukuba kushaye isigcibisholo.

33Umsindo wakhe ulanda ngaye oshisekela ububi ngentukuthelo.

Chapter Complete

You have read Job 36

33 verses