Lumina
Job

Elihu Rebukes Job

Job 35·Zulu Bible

1U-Elihu wathatha wathi:

2“Usho uthi lokhu kulungile na? Uthi: ‘Yilungelo lami kuNkulunkulu yini,’

3njengokuba uthi: ‘Kungisiza ngani?’ nokuthi: ‘Ngizuzeni kunalokho ebengiyakukuzuza, uma ngonile, na?’

4“Ngizakukuphendula mina ngamazwi, wena nabangane bakho.

5Bheka ngasezulwini, ubone, uqaphele amafu aphakeme kunawe.

Job 35 illustration - Job Chapter 35

6Uma wona, wenzani kuye na? Uma iziphambeko zakho ziziningi, wenzani kuyena na?

7Uma ulungile, umnikani yena, noma umukelani esandleni sakho na?

8Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe, nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.

9“Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo; bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.

10Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami, ozwakalisa amahubo ebusuku,

Job 35 illustration - Job Chapter 35

11osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba, asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’

12Lapho bayakhala ngokuzidla kwababi, kepha akaphenduli.

13Impela uNkulunkulu akezwa okuyize, uSomandla akayikukunakekela;

14kakhulu kangakanani, lapho uthi awumboni nokuthi, noma icala liphambi kwakhe, usamhlalela, na?

15Kepha manje, ngokuba intukuthelo yakhe ingajezisi, anganaki kakhulu iziphambeko,

Job 35 illustration - Job Chapter 35

16uJobe uvulela ize umlomo wakhe; uyandisa amazwi engenalwazi.”

Chapter Complete

You have read Job 35

16 verses