Lumina
Job

Elihu Defends God

Job 34·Zulu Bible

1U-Elihu wathatha wathi:

2“Yizwani amazwi ami, nina zihlakaniphi, nibeke indlebe kimi nina zazi.

3Ngokuba indlebe iyavivinya amazwi, njengokuba ulwanga luzwa ukudla.

4Masizikhethele okulungileyo, sazi phakathi kwethu okuhle.

5Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile; uNkulunkulu ususile ukwahlulelwa kwami.

Job 34 illustration - Job Chapter 34

6Phezu kokwahlulelwa kwami ngishaywa onamanga; inxeba lami alinakupholiswa, noma ngingenasiphambeko.’

7Ngumuphi umuntu onjengoJobe ophuza usulu njengamanzi,

8ohamba ngokwazana nabenza okubi, ahambisane nabantu ababi, na?

9Ngokuba uthi: ‘Akunalusizo kumuntu ukuba azane noNkulunkulu.’

10“Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda; makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona.

Job 34 illustration - Job Chapter 34

11Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe, atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe.

12Impela uNkulunkulu akenzi okubi; uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.

13Ngubani owambeka phezu komhlaba na? Ngubani owamisa izwe lonke na?

14Uma ebeyakuzibheka yena, azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,

15inyama yonke ibiyakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.

Job 34 illustration - Job Chapter 34

16“Uma unengqondo, yizwa lokhu, ulalele izwi lokukhuluma kwami.

17Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na? Uyakumlahla olungileyo nonamandla

18oshoyo enkosini ukuthi: ‘Muntu omubi,’ nasezikhulwini: ‘Mashinga,’

19ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

20Bayafa ngokuphazima kweso; phakathi kwamabili abantu bayathuthumela, banyamalale; amaqhawe ayasuswa, kepha kungengasandla.

Job 34 illustration - Job Chapter 34

21“Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu; ubona zonke izinyathelo zakhe.

22Abukho ubumnyama, nethunzi lokufa alikho, lapho abenza okubi bengacasha khona.

23Ngokuba akadingi ukuba abelokhu ebheka umuntu ukuba aye kuNkulunkulu ukwahlulelwa.

24Uyaphahlaza abanamandla, kungahlolwanga, amise abanye ezikhundleni zabo.

25Ngalokho uyazi imisebenzi yabo; uyabagumbuqela ebusuku, bachotshozwe.

Job 34 illustration - Job Chapter 34

26Uyabashaya njengababi endaweni lapho bebonwa khona,

27ngokuba bachezuka ekumlandeleni, abanakanga neyodwa yezindlela zakhe,

28baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye, wezwa ukukhala kwabahluphekayo.

29Lapho yena ethula, ngubani ongalahla, nalapho ethukusa ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa ngokufananayo, noma kuyisizwe noma kungumuntu,

30ukuba kungabusi muntu ongenaNkulunkulu, abantu bacushwe.

Job 34 illustration - Job Chapter 34

31“Ngokuba ukhona oke wathi kuNkulunkulu: ‘Ngithweswe icala noma ngingonanga, na?

32Lokhu engingakuboni, ngifundise khona; uma ngenzile okubi, angisayikukuphinda.’

33Uyakuphindisela njengokuthanda kwakho, lokhu ukwenqaba, na? Ngokuba nguwe ozakukhetha, akusimina; khuluma okwaziyo.

34“Abantu abanokuqonda bayakusho kimi, yebo, nezihlakaniphi, lapho zingizwa, ziyakuthi:

35‘UJobe ukhuluma engenalwazi; amazwi akhe awanangqondo.’

Job 34 illustration - Job Chapter 34

36Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube sekupheleni, ngokuba uphendula njengabantu ababi.

37Ngokuba uyenezela ukuhlubuka esonweni sakhe; ushaya ihlombe phakathi kwethu, andise amazwi akhe kuNkulunkulu.”

Chapter Complete

You have read Job 34

37 verses