Lumina
Job

Elihu Continues

Job 33·Zulu Bible

1“Kepha manje, Jobe mawuzwe amazwi ami,

2Bheka-ke, sengivula umlomo wami; ulimi lwami lukhuluma emlonyeni wami.

3Amazwi ami avela enhliziyweni yami eqotho; okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.

4Umoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.

5Uma ukwazi, ngiphendule; zihlele phambi kwami, ume.

Job 33 illustration - Job Chapter 33

6Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu: ngibunjiwe nami ngebumba.

7Bheka, ingebhe ngami ayiyikukugebhezisa, nesandla sami esiphezu kwakho asiyikukusinda.

8“Impela wakhuluma ezindlebeni zami, ngezwa izwi lokukhuluma kwakho ukuthi:

9Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi.

10Bheka, uthola amathuba ngami, ungishaya isitha sakhe.

Job 33 illustration - Job Chapter 33

11Ufaka izinyawo zami ezingongolweni, aqaphele zonke izindlela zami.

12“Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho, ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.

13Umphikiselani ngokuthi: Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.

14Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye, yebo, nakabili, umuntu engakunaki.

15Ephusheni nasembonweni wasebusuku, lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima, bozela emacansini,

Job 33 illustration - Job Chapter 33

16khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo,

17ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe, anqume ukuzidla kumuntu;

18unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni, nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.

19Uyajeziswa ngobuhlungu nasecansini lakhe, nangokulwa okungapheliyo emathanjeni akhe.

20Inhliziyo iyanengwa ngukudla, nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.

Job 33 illustration - Job Chapter 33

21Inyama yakhe iyadliwa, ingabe isabonwa; amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.

22Umphefumulo wakhe uyasondela egodini, nokuphila kwakhe kubabulali.

23“Uma kukhona ingelosi kuye, nehumusha noma yiliphi enkulungwaneni lokuba litshele umuntu okumlungeleyo,

24uNkulunkulu abeseba nomusa kuye, athi: ‘Mkhulule ukuba angehleli egodini, sengitholile ihlawulo,’

25inyama yakhe ibe ntsha kuneyomntwana, abuyele emihleni yobusha bakhe,

Job 33 illustration - Job Chapter 33

26khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye, abone ubuso bakhe ngokujabula, abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.

27Usehlabelela phambi kwabantu, uthi: ‘Ngonile, ngahlanekezela ukulunga, kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:

28uhlengile umphefumulo wami ukuba ungadluleli egodini; ngiyakubona ukukhanya ngiphila.’

29“Bhekani, konke lokhu uNkulunkulu uyakwenza kabili, yebo, kathathu kumuntu

30ukuba abuyise umphefumulo wakhe egodini, akhanyiselwe ngokukhanya kwabaphilayo.

Job 33 illustration - Job Chapter 33

31Yizwa, Jobe, ungilalele; thula, mina ngizakukhuluma.

32Uma unamazwi, ngiphendule; khuluma, ngokuba ngifisa ukukuthethelela.

33Uma ungenawo, ngilalele wena; thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.”

Chapter Complete

You have read Job 33

33 verses