Lumina
Job

The Hidden Wisdom

Job 28·Zulu Bible

1“Impela ukhona umthapho wesiliva, nendawo yegolide abalicwengayo.

2Insimbi iyakhishwa emhlabathini; amatshe ayancibilikiswa abe yithusi.

3Ubumnyama bubekelwa umkhawulo; kuyacingwa kuze kube sekupheleni konke amatshe esigayegaye nethunzi lokufa.

4Baqhekeza umgodi kude nalapho behlala khona abantu, lapho bekhohlakele khona lunyawo; bayalenga, bajikajika kude nabantu.

5Umhlaba-ke, kuwona kuvela ukudla, kepha ngaphansi kwawo uyaphendukezelwa njengangomlilo.

Job 28 illustration - Job Chapter 28

6Amatshe awo ayindawo yamasafire; inothuli lwegolide.

7Lowo mgudu awaziwa yinqe, neso loheshe aliwubonanga.

8Izilwane ezinkulu azihambanga ngawo, nengonyama ayidlulanga ngawo.

9Uyelulela isandla sakhe etsheni lensengetsha, agumbuqele izintaba kwasezimpandeni zazo.

10Uqhekeza imihohoba emadwaleni; iso lakhe liyabona konke okuyigugu.

Job 28 illustration - Job Chapter 28

11Uyavimba imifula ukuba ingaconsi; imfihlakalo uyayikhiphela ekukhanyeni.

12“Kepha ukuhlakanipha kufumanisekaphi? Iphi indawo yokuqonda na?

13Umuntu kalazi inani lakho; akutholakali ezweni labaphilayo.

14Utwa luthi: ‘Akukho kimi;’ ulwandle luthi: ‘Akukho kimi.’

15Akunakuzuzwa ngegolide; intengo yakho ayinakulinganiswa nesiliva.

Job 28 illustration - Job Chapter 28

16Kungelingane negolide lase-Ofiri, neshohamu eliyigugu, nesafire.

17Igolide nengilazi kungelingane nakho; akunakwenaniswa ngezinto zegolide elicwengekileyo.

18Akunakukhulunywa ngekorali nangekristalu; intengo yakho iphezu kwamarubi.

19Itopazi laseKushe alinakulinganiswa nakho, kungelingane negolide elicwengekileyo.

20“Ukuhlakanipha kuvelaphi na? Indawo yokuqonda iphi na?

Job 28 illustration - Job Chapter 28

21Kusithekile emehlweni abo bonke abaphilayo, kufihliwe ezinyonini zezulu.

22Ukubhujiswa nokufa kuthi: ‘Ngezindlebe zethu sizwile amahemuhemu akho.’

23UNkulunkulu uyaqonda indlela yakho; yena uyazi indawo yakho.

24Ngokuba uyabeka imikhawulo yomhlaba, abone konke okuphansi kwezulu.

25Lapho emisela umoya ukusinda kwawo, elinganisa amanzi ngezilinganiso,

Job 28 illustration - Job Chapter 28

26lapho enzela imvula isimiso, nonyazi lokuduma indlela,

27khona wakubona, walanda ngakho, wakuhlela, wakuphenya.

28Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”

Chapter Complete

You have read Job 28

28 verses