Lumina
Job

Job's Integrity

Job 27·Zulu Bible

1UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:

2“Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulelwa kwami, noSomandla owenze munyu umphefumulo wami,

3kusekhona ukuphefumula kimi, nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,

4izindebe zami aziyikukhuluma okubi, nolimi lwami aluyikukhipha inkohliso.

5Makube kude nami ukuba nginivumele; angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.

Job 27 illustration - Job Chapter 27

6Ngibambelela ekulungeni kwami, angikuyeki; inhliziyo yami ayisoli nowodwa wemihla yami.

7“Isitha sami masibe njengomubi, nongisukelayo njengowonileyo.

8Liyini ithemba longenaNkulunkulu, nxa enqunywa, lapho uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe, na?

9UNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa lusizi, na?

10Uyakuthokoza ngoSomandla, ambize uNkulunkulu ngezikhathi zonke, na?

Job 27 illustration - Job Chapter 27

11“Ngiyakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu; okukuSomandla angiyikukufihla.

12Bhekani, nina nonke nikubonile; kungani ukuba nizenze ize na?

13“Lokhu kuyisabelo somuntu omubi kuNkulunkulu, nefa lezidlwangudlwangu ezilamukela kuSomandla.

14Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba; inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla.

15Abasele kuye bayakumbelwa ekufeni, abafelokazi babo bangalili.

Job 27 illustration - Job Chapter 27

16Noma enqwabela isiliva njengothuli, alungise izambatho njengodaka,

17makakulungise, kepha kuyakwembathwa ngolungileyo, ongenacala abele isiliva.

18Uyakha indlu yakhe njengenundu, ibe njengedlangala elakhiwa ngumlindi.

19Uyalala enothile, angakuphindi kodwa; uyavula amehlo akhe, abe engasekho.

20Ingebhe iyamehlela njengamanzi; isivunguvungu siyamphephula ebusuku.

Job 27 illustration - Job Chapter 27

21Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke; uyambhengula endaweni yakhe.

22Uyacibishelwa engahawukelwa; uyabaleka nokubaleka esandleni sakhe.

23Abantu bayakumshayela ihlombe, bamncimfele ukuba asuke endaweni yakhe.

Chapter Complete

You have read Job 27

23 verses