1“Kungani ukuba uSomandla angazibekeleli izikhathi zokwahlulela, abamaziyo babone imihla yakhe, na?
2Imincele iyasuswa; bahlwitha imihlambi, bayiklabise.
3Bamukisa imbongolo yezintandane, nenkomo yomfelokazi bayayithatha ibe yisibambiso.
4Bafuzula abaswelayo endleleni; abampofu bomhlaba bacasha ndawonye.
5Bheka, njengezimbongolo ehlane bayaphumela emisebenzini yabo befunisisa ukudla; ihlane lingukudla kwabo abakunika abantwana babo.

6Emasimini bavuna ifoliji; bakhothoza esivinini somubi.
7Ebusuku balala nqunu bengenangubo, bengenanto yokuzisibekela emakhazeni.
8Bamanzi ngezihlambi zasezintabeni; basingatha idwala bengenasiphephelo.
9Intandane ihlwithwa ebeleni, nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso,
10bahambe nqunu bengenangubo, bethwele izithungu, belambile.

11Benza amafutha phakathi kwezingange zabahluphi; banyathela izikhamo zewayini, kepha bayoma.
12Bexoshwe emzini abafayo bayabubula; imiphefumulo yabalimeleyo iyakhala, kepha uNkulunkulu akanaki lokho okubi.
13“Bakhona abakuhlubukile ukukhanya; abazi indlela yakho, abanamatheli emikhondweni yakho.
14Umbulali uvuka ekuseni, abulale ompofu noswelayo; ebusuku unjengesela.
15Iso lesiphingi libheka ukuhlwa ngokuthi: ‘Malingangiboni iso,’ sisithe ubuso baso.

16Bafohla izindlu sekumnyama; emini bayazivalela; ukukhanya abakwazi.
17Ngokuba ithunzi lokufa kubo bonke labo linjengokusa, lokhu beyazi ingebhe yethunzi lokufa.
18“Banejubane ebusweni bamanzi; izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni; abasayikuphendukela endleleni yezivini.
19Ukoma nokushisa kuyaqeda amanzi eqhwa; kanjalo indawo yabafileyo labo abonileyo.
20Isizalo siyamkhohlwa; izimpethu ziyamsobozela; akasayikukhunjulwa; ukungalungi kuyaphulwa njengomuthi.

21Uyayidla inyumba engazaliyo; akenzeli umfelokazi okuhle.
22Uyadonsa namaqhawe ngamandla akhe; uyavuka; akakho osenethemba lokuphila.
23UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.
24Bayaphakanyiswa; emva kwesikhashana abasekho; bayaphela njengabanye, bafe; babuna njengezihloko zezikhwebu.
25“Uma kungenjalo, ngubani ongangenza onamanga, awenze ize amazwi ami, na?”
You have read Job 24
25 verses