Lumina
Job

Job Replies

Job 21·Zulu Bible

1Wayesephendula uJobe, wathi:

2“Yizwani nokuzwa amazwi ami; lokhu makube yinduduzo evela kini.

3Ngivumeleni ukuba nami ngikhulume; nalapho sengikhulumile, klolodani.

4“Mina-ke, ukukhala kwami kungomuntu na? Ngingekhathazeke na?

5Ngibukeni, nimangale, nibeke izandla emilonyeni yenu.

Job 21 illustration - Job Chapter 21

6Lapho ngikhumbula nje, ngishaywa luvalo; ukwesaba kubamba inyama yami.

7Ababi baphilelani, baze babe badala, yebo, bakhule emandleni, na?

8Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo, nabantwana babo phambi kwamehlo abo.

9Izindlu zabo zinokuthula, azinangebhe; uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.

10Inkunzi yabo iyakhwela, kayiphuthi; inkomo yabo iyazala, kayiphunzi.

Job 21 illustration - Job Chapter 21

11Bakhipha izingane zabo njengomhlambi; abantwana babo bayagida.

12Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu, bathokoza ngezwi lomtshingo.

13Baqeda imihla yabo ngokuhle, behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.

14Nokho bathi kuNkulunkulu: ‘Suka kithi, asifuni ukwazi izindlela zakho.

15USomandla uyini ukuba simkhonze na? Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?’

Job 21 illustration - Job Chapter 21

16Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo; icebo lababi malibe kude nami.

17“Kukangaki isibani sababi sicimeka, nengozi ibehlela, babelwe izabelo ngentukuthelo, na?

18Babeyakuba njengezibi phambi komoya, nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.

19UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo; yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.

20Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo, bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.

Job 21 illustration - Job Chapter 21

21Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo, lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?

22UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi, yena owahlulela abaphakemeyo, na?

23“Omunye ufa esemi kahle kukho konke, ezinzile, enokuthula.

24Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha; umnkantsha wamathambo akhe umanzi.

25Omunye ufa enomphefumulo onomunyu, engazange adle okuhle.

Job 21 illustration - Job Chapter 21

26Balala phansi othulini kanyekanye; izimpethu ziyabasibekela.

27Bhekani, ngiyazi imicabango yenu, namacebo enu eniyakungona ngawo.

28Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu, liphi itende lokuhlala kwababi, na?’

29Anibuzanga abadlula endleleni, nibazi ubufakazi babo

30bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswa nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?

Job 21 illustration - Job Chapter 21

31Ngubani oyakumtshela indlela yakhe ebusweni bakhe? Ngubani oyakumphindisela ngalokho akwenzileyo na?

32Uyayiswa ethuneni, kulindwe elibeni.

33Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye; bonke abantu bayakudonswa emva kwakhe, njengokuba bengenakubalwa nababe phambi kwakhe.

34“Pho, ningiduduzelani ngeze, lokhu ezimpendulweni zenu kusele inkohliso nje, na?”

Chapter Complete

You have read Job 21

34 verses