Lumina
Job

Zophar's Second Speech

Job 20·Zulu Bible

1Wayesethatha uSofari umNahama, wathi:

2“Ngalokho imicabango yami iyangiphendula ngenxa yokushesha okuphakathi kwami.

3Ngiyezwa insolo engihlazisayo, kepha umoya wasengqondweni yami uyangiphendula.

4“Awukwazi yini ukuba lokhu kungokwasendulo, selokhu abantu babekwa emhlabeni,

5ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?

Job 20 illustration - Job Chapter 20

6Noma ubukhulu bakhe bukhuphukela ezulwini, nekhanda lakhe lifinyelela emafwini,

7uyakubhubha kuze kube phakade njengamasimba akhe; abambonayo bayakuthi: ‘Uphi na?’

8Uyakundiza njengephupho, angabe esafunyanwa; uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.

9Iso elalimgqolozela alisamboni, nendawo yakhe ayisamboni.

10Abantwana bakhe bayakuzincengela kwabampofu, izandla zakhe zibuyise impahla yakhe.

Job 20 illustration - Job Chapter 20

11Amathambo akhe agcwele ubusha, kepha buyakulala phansi kanye naye othulini.

12“Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe, noma ebufihla phansi kolimi lwakhe,

13noma ebugodla engabushiyi, kepha ebugcina emlonyeni wakhe,

14kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe, kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.

15Ugwinyile ingcebo; uyakubuye ayihlanze; uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.

Job 20 illustration - Job Chapter 20

16Uyakumunca isihlungu samabululu; ulimi lwenyoka luyakumbulala.

17Akayikubuka imifula, iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.

18Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi; ngempahla ayitholileyo akayikujabula.

19Ngokuba ucindezele, washiya abampofu; uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.

20“Ngokuba wayengazi ukuthula esiswini sakhe; kayikuphepha nalutho kulokho akufisayo.

Job 20 illustration - Job Chapter 20

21Akusalanga lutho angaludlanga; ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.

22Ekusutheni kokuvama kwakhe uyaminywa; izandla zakho konke ukuhlupheka ziyakumfikela.

23Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe, uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.

24Uyabalekela isikhali sensimbi, kepha ubhotshozwa ngumnsalo wethusi.

25Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe; nxa uphuma unyampuza enyongweni, abesehlelwa yingebhe.

Job 20 illustration - Job Chapter 20

26Ubumnyama bonke bubekelelwe ingcebo yakhe; umlilo ongavuthelwanga uyakuyidla, uchithe okusele etendeni lakhe.

27Izulu liyakwambula ububi bakhe, umhlaba umvukele.

28Imfuyo yendlu yakhe iyakumuka, inyamalale ngomuhla wentukuthelo.

29Lesi siyisabelo somuntu omubi esivela kuNkulunkulu, nefa alinqunyelweyo nguNkulunkulu.”

Chapter Complete

You have read Job 20

29 verses