Lumina
Job

Eliphaz's Second Speech

Job 15·Zulu Bible

1Wayesethatha u-Elifazi umThemani, wathi:

2“Ohlakaniphileyo uyakuphendula ngokwazi okungumoya nje, agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga, na?

3Aphikisane ngamazwi angasizi lutho nangezinkulumo ezingenalusizo na?

4Yebo, uyachitha ukwesaba, unciphisa ukuzindla phambi kukaNkulunkulu.

5Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho; ukhetha ulimi lwabanobuqili.

Job 15 illustration - Job Chapter 15

6Ngumlomo wakho okulahlayo, akusimi; izindebe zakho ziyafakaza ngawe.

7Ungumuntu wokuqala owazalwayo na? Wavela ngaphambi kwezintaba na?

8Uzwile imfihlakalo kaNkulunkulu, wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?

9Wazini esingayazi thina na? Uqonda ntoni engekho kithina na?

10Kithina kukhona izimpunga namakhehla amadala kunoyihlo.

Job 15 illustration - Job Chapter 15

11Zincane yini kuwe izinduduzo zikaNkulunkulu, nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?

12Umukiselwani yinhliziyo yakho na? Kungani ukuba amehlo akho aphayizele,

13uphendulele kuNkulunkulu ukufutheka kwakho, ukhiphe amazwi emlonyeni wakho na?

14Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?

15Bheka, nabangcwele bakhe akabethembi, nezulu alihlambulukile emehlweni akhe;

Job 15 illustration - Job Chapter 15

16kakhulu kangakanani onengekayo nowonakeleyo, umuntu ophuza ukona njengamanzi, na?

17“Ngiyakukwazisa, ungilalele; ngiyakukulandisa engikubonileyo

18lokho izihlakaniphi ezikubonakalisile, zikuthathe koyise, zingakufihlanga,

19zona ezaphiwa zodwa izwe, kungadabulanga kuzo umfokazi ngokuthi:

20Umuntu omubi uyazibinya imihla yonke, umumo weminyaka othukuselwe isidlwangudlwangu.

Job 15 illustration - Job Chapter 15

21Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe; lapho ehlezi kahle, uyakufikelwa ngumphangi.

22Akethembi ukuthi uyakubuya ebumnyameni; uyalindelwa yinkemba.

23Uyazulazulela ukudla: kuphi na? Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selungasesandleni sakhe.

24Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa; kuyamahlula njengenkosi ezilungiselele impi,

25ngokuba waselulela isandla sakhe kuNkulunkulu, wazigabisa kuSomandla.

Job 15 illustration - Job Chapter 15

26Wamdumela ngentamo elukhuni, nangamaqhubu adumbileyo amahawu akhe,

27ngokuba wasibekela ubuso bakhe ngamafutha akhe, wenza umvingqi okhalweni lwakhe.

28Wahlala emizini ebiyakuchithwa, nasezindlini ebezingahlalwa, ezaziyakuba ngamanxiwa nje.

29Akayikuceba, nemfuyo yakhe ayiyikuma, nokudla kwakhe akuyikukhothamela phansi.

30Akayikusuka ebumnyameni; ilangabi liyakushisa amagatsha akhe, amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.

Job 15 illustration - Job Chapter 15

31Makangethembi ezeni, ezikhohlisa, ngokuba ize liyakuba ngumvuzo wakhe.

32Kuyakufezwa kungakabi yisikhathi, negatsha lakhe alisayikuba luhlaza.

33Uyakuvuthulula igwanya lakhe njengomvini, alahle imbali yakhe njengomnqumo.

34Ngokuba ibandla labangenaNkulunkulu liyakuba yinyumba, umlilo uqede amatende abathengwa ngemivuzo.

35Bakhulelwe ingozi, bazala ukona; isisu sabo silungisela inkohliso.”

Chapter Complete

You have read Job 15

35 verses