Lumina
Job

Job's Confidence

Job 13·Zulu Bible

1“Bheka, iso lami libone konke; indlebe yami ikuzwile, yakuqonda.

2Enikwaziyo ngiyakwazi nami; angahlulwa yinina.

3Kepha ngiyakukhuluma kuSomandla; ngifuna ukuphikisana noNkulunkulu.

4Kepha ningabaqambimanga; niyizinyanga ezingelutho nonke.

5Sengathi ningathula nokuthula, lokho kube ngukuhlakanipha kini.

Job 13 illustration - Job Chapter 13

6Ake nizwe ukuthetha kwami, niqaphele ukuzivikela kwezindebe zami.

7Niyakumkhulumela uNkulunkulu ngokubi, nimkhulumele ngenkohliso, na?

8Niyakubuvuma ubuso bakhe, nimmele uNkulunkulu, na?

9Kuhle yini, lapho eniphendla? Njengalokhu umuntu ekhohliswa niyakumkhohlisa na?

10Uyakunisola nokunisola, uma nivuna ubuso ngasese.

Job 13 illustration - Job Chapter 13

11Ubukhulu bakhe abuyikunethusa, nengebhe ngaye inehlele, na?

12Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha; izivikelo zenu ziyizivikelo zebumba.

13“Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume, kungehlele noma yini.

14Bengiyakuyithathelani inyama yami ngamazinyo ami, ngibeke ukuphila kwami esandleni sami, na?

15Bheka, uyakungibulala, anginathemba; nokho ngiyakuvikela izindlela zami ebusweni bakhe.

Job 13 illustration - Job Chapter 13

16Lokhu kuyakuba yinsindiso yami ukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.

17Zwisisani amazwi ami, ukusho kwami kube sezindlebeni zenu.

18Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami; ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.

19Ngubani oyakuphikisana nami na? Ngokuba lapho bengiyakuthula, ngigqabuke.

20Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi, ngize ngingacasheli ubuso bakho:

Job 13 illustration - Job Chapter 13

21masingasondeli kimi isandla sakho, ngingethuswa yingebhe ngawe.

22Khona mawubize, mina ngiyakuphendula, noma kukhulume mina, wena ungiphendule.

23Iziphambeko zami nezono zami zingakanani na? Ngazise izeqo zami nezono zami.

24Usithelani ubuso bakho, ungishaye isitha, na?

25Uyakwethusa iqabunga eliphephethwayo, uxoshe amabibi awomileyo, na?

Job 13 illustration - Job Chapter 13

26Ngokuba uloba okumunyu ngami, ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;

27ufaka izinyawo zami ezingongolweni, uqaphela zonke izindlela zami, uzidwebela umudwa ngasematheni ezinyawo zami,

28noma nginyamalala njengokubolayo, njengengubo edliwe yizinundu.

Chapter Complete

You have read Job 13

28 verses