Lumina
Job

Job Replies to Zophar

Job 12·Zulu Bible

1uJobe, wathi:

2“Impela yinina eningabantu; ukuhlakanipha kuyakufa nani.

3Kodwa nami nginengqondo njengani, angahlulwa yinina; ngubani ongazazi izinto ezinje na?

4Ngiyisigcono somngane wami, ngowambiza uNkulunkulu, waphendula; olungileyo nongenasici uyisigcono.

5Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka; kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.

Job 12 illustration - Job Chapter 12

6Amatende abacindezelayo anokuthula; abathukuthelisayo uNkulunkulu bayalondeka, abaletha unkulunkulu wabo ngezandla zabo.

7Kepha mawubuze izinkomo, ziyakukufundisa, nezinyoni zezulu, ziyakukutshela.

8Khuluma kuwo umhlaba, uyakukufundisa, nezinhlanzi zolwandle ziyakukulandisa.

9Ngubani ongaziyo ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokho na?

10Esandleni sakhe ukhona umphefumulo wakho konke okuphilayo, nomoya wenyama yabantu bonke.

Job 12 illustration - Job Chapter 12

11Indlebe ayivivinyi yini amazwi, njengolwanga lunambitha ukudla, na?

12Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha, nasebudeni bezinsuku ukuqonda.

13“Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.

14Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa; uyavalela umuntu, kungabe kusavulwa.

15Bheka, uyavimba amanzi, ashe; uyawathumela agumbuqele umhlaba.

Job 12 illustration - Job Chapter 12

16Kuye kukhona amandla nokusizwa; odukisiweyo nodukileyo bakuye.

17Umukisa abaluleki bephangiwe; uyenza abahluleli babe yiziwula.

18Uthukulula izibopho zamakhosi, awabophe ezinkalweni ngamaketanga.

19Umukisa abapristi bephangiwe, aphenule abemiyo njalo.

20Uyasusa ulimi lwabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.

Job 12 illustration - Job Chapter 12

21Uthela izikhulu ngehlazo, akhumule imbonya yonamandla.

22Uyambula izinto ezijulileyo ebumnyameni, akhiphele ekukhanyeni ithunzi lokufa.

23Uyandisa izizwe, abesezibhubhisa; ukhulisa izizwe, abesezisusa.

24Uyamuka izinhloko zezizwe ezweni ingqondo yazo, azidukise ehlane elingenandlela.

25Ziyaphumputha ebumnyameni zingenakukhanya, uyazintengantengisa njengesidakwa.

Chapter Complete

You have read Job 12

25 verses