Lumina
Job

Zophar's First Speech

Job 11·Zulu Bible

1Wayesethatha uSofari waseNahama, wathi:

2“Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na? Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na?

3Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na? Nalapho ukloloda, akakho ongakuhlaza na?

4Ngokuba uthi: ‘Ukufundisa kwami kulungile; ngimhlophe emehlweni akho.’

5Sengathi uNkulunkulu angakhuluma, akuvulele izindebe zakhe,

Job 11 illustration - Job Chapter 11

6akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha, ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi, uze wazi ukuthi uNkulunkulu, ukuba kube kuhle kuwe, wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.

7“Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?

8Kuphakeme njengezulu — ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo — ungazini na?

9Isilinganiso sakho side kunomhlaba, sibanzi kunolwandle.

10Uma edlula, avalele, abizele ekwahluleleni, ngubani ongamkhalima na?

Job 11 illustration - Job Chapter 11

11Ngokuba uyabazi abantu ababi; lapho ebona ukona, akayikukunaka na?

12Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.

13“Uma ulungisa inhliziyo yakho, welulele izandla zakho kuye;

14uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho, ungahlalisi ububi ematendeni akho,

15khona uyakuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni, uqine, ungesabi.

Job 11 illustration - Job Chapter 11

16Ngokuba uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho, ukukhumbule kunjengamanzi adlulileyo.

17Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini; noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje.

18Uyakuba nokwethemba, ngokuba ithemba likhona; uyakuphendla, ulale ngokulondeka.

19Uyakulala, ungethuswa muntu; abaningi bayakuzincengela kuwe.

20Kepha amehlo ababi ayakufiphala; abayikuba nandawo yokuphephela; ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”

Chapter Complete

You have read Job 11

20 verses