Lumina
Job

Job's Continued Lament

Job 10·Zulu Bible

1“Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami; ngiyazinikela ekukhaleni, ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.

2Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?

3Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kwamasu ababi, na?

4Amehlo enyama unawo na? Uyabona njengabantu na?

5Imihla yakho injengemihla yomuntu na? Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na?

Job 10 illustration - Job Chapter 10

6lokhu ufuna ukona kimi, ufunisisa isono sami,

7noma ukwazi ukuthi angimubi nokuthi akakho ongophula esandleni sakho.

8Izandla zakho zingibumbile, zangenza ngokupheleleyo nxazonke; nokho uyangichitha.

9Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba; pho, uyakungibuyisela othulini na?

10Awungithululanga njengobisi, wangijiyisa njengoshizi, na?

Job 10 illustration - Job Chapter 10

11Awungembathisanga isikhumba nenyama, wangiphica ngamathambo nangemisipha, na?

12Ungenzele ukuphila nomusa; ukungihambela kwakho kulondile umoya wami.

13Kepha ufihlile enhliziyweni yakho lokhu; ngiyazi ukuthi lokhu kukuwe kokuthi:

14Uma ngona, uyangiqaphela; awuyikuthethelela ukona kwami.

15Uma nginecala, maye kimi! Noma bengilungile, bengingayikuphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ngehlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.

Job 10 illustration - Job Chapter 10

16Nokuba bengiziphakamisa, ubuyakungizingela njengengonyama, ubuye uzenze omangalisayo kimi.

17Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha, wandise intukuthelo yakho kimi, amabandla ngamabandla angisukele.

18“ ‘Ungikhipheleni esizalweni na? Ngangiyakugqibuka lingakangiboni iso,

19ngibe njengokungathi ngingekho, ngiyiswe ethuneni ngisaphuma esiswini.

20Imihla yami ayiyingcosana na? Makapheze, angiyeke ukuba ngithokoze kancane,

Job 10 illustration - Job Chapter 10

21ngingakayi lapho ngingasayikubuya khona, izwe lobumnyama nelomthunzi wokufa,

22izwe lobumnyama obunjengesigayegaye nelomthunzi wokufa nelesiphithiphithi, lapho ukukhanya kunjengobumnyama.’ ”

Chapter Complete

You have read Job 10

22 verses