Lumina
Jeremiah

Judgment on Babylon

Jeremiah 50·Zulu Bible

1Izwi uJehova alikhuluma ngeBabele, izwe lamaKaledi, ngesandla sikaJeremiya umprofethi.

2“Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela, nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’

3Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho, esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo, kungabikho ohlala kulo; abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.

4“Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “bayakufika abantwana bakwa-Israyeli, bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye, behamba bekhala, befuna uJehova uNkulunkulu wabo.

5Bayakubuza indlela yaseSiyoni, ubuso babo bubhekene nalo, bethi: Wozani nizihlanganise noJehova ngesivumelwano esiphakade esingenakukhohlakala.

Jeremiah 50 illustration - Jeremiah Chapter 50

6“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; abelusi babo babadukisile, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bakhohlwa indawo yabo yokuphumula.

7Bonke ababafumanayo babaqeda; abamelene nabo bathi: ‘Asitholi icala; ngokuba bonile kuJehova, ikhaya lokulunga, ithemba lawoyise, uJehova.’

8“Balekani eBabele, niphume ezweni lamaKaledi, nibe njengezimpongo phambi kwezimvu.

9Ngokuba bheka, ngiyakuvusa, ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu, livela ezweni lasenyakatho, lizihlelele lona, linqotshwe lapho; imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo, elingabuyi ze.

10IKalideya liyakuba yimpango; bonke abaliphangayo bayakusutha,” usho uJehova.

Jeremiah 50 illustration - Jeremiah Chapter 50

11“Noma nithokoza, noma nijabula nina baphangi befa lami, noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza, niyiyizela njengamahhashi anamandla,

12unyoko uyakujabha kakhulu, owangizalayo ayangaze; bheka, uyakuba ngesokugcina sezizwe, ihlane, nomhlabathi owomileyo, nogwadule.

13Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu, kepha liyakuba yincithakalo lonke; bonke abadlula eBabele bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.

14“Zihleleleni iBabele nxazonke nina nonke eninsala umnsalo, nicibishele kulo, ninganqandi imicibisholo, ngokuba lonile kuJehova.

15Memezani kulo nxazonke; lizinikele, izisekelo zalo ziwile, izingange zalo zidiliziwe, ngokuba kuyimpindiselo kaJehova; phindiselani kulo, nenze kulo njengokwenza kwalo.

Jeremiah 50 illustration - Jeremiah Chapter 50

16Nqumani umhlwanyeli eBabele nobamba isikela ngesikhathi sokuvuna; ngenxa yenkemba ecindezelayo yilowo nalowo uyakubheka abantu bakhe, yilowo nalowo abalekele ezweni lakubo.

17“U-Israyeli uyimvu ezingelwayo; izingonyama zimxoshile. Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya, nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele, ugedlile amathambo akhe.”

18Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakujezisa inkosi yaseBabele nezwe layo, njengalokho ngijezisile inkosi yase-Asiriya.

19Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe, aklabe eKarmeli naseBashani, umphefumulo wakhe waneliswe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.

20Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli, akuyikubakho, nezono zakwaJuda, kepha aziyikufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engibashiya ukuba babe yinsali.

Jeremiah 50 illustration - Jeremiah Chapter 50

21“Khuphukela ezweni laseMeratayimi, kulona nakwabakhileyo ePhekodi, uchithe, uqede nya emva kwabo,” usho uJehova, wenze konke engikuyale ngakho.

22Kukhona umsindo wokulwa ezweni nowencithakalo enkulu.

23Yeka ukunqunywa nokuchithwa kwesando somhlaba wonke, yeka ukwenziwa kweBabele incithakalo phakathi kwezizwe!

24Ngakucupha, wabanjwa, Babele, ungakwazi; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.

25UJehova uvulile indlu yakhe yezikhali, ukhiphile izikhali zokufutheka kwakhe, ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomsebenzi ezweni lamaKaledi.

Jeremiah 50 illustration - Jeremiah Chapter 50

26Lifikeleni nivele emkhawulweni, nivule izinqolobane zalo, nilinqwabele libe yizinqwaba, niliqede nya, kungasali lutho kulo.

27Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona! Ngokuba usuku lwazo lufikile, isikhathi sokuhanjelwa kwazo.

28Yizwi lababalekayo nabaphunyuka ezweni laseBabele ukuba bamemeze eSiyoni impindiselo kaJehova uNkulunkulu wethu, impindiselo ngethempeli lakhe!

29“Bizani abacibishelayo, balwe neBabele, bonke abansala umnsalo, nimise nxazonke zalo, lingabi nophunyukayo, niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengakho konke elikwenzileyo, ngokuba lizikhukhumezile kuJehova, oNgcwele ka-Israyeli.

30Ngalokho izinsizwa zalo ziyakuwa ezitaladini zalo, nawo onke amadoda alo empi ayakunqunywa ngalolo suku,” usho uJehova.

Jeremiah 50 illustration - Jeremiah Chapter 50

31“Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti, “ngokuba usuku lwakho lufikile, isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.

32Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe, angabi naye omvusayo; ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, udle konke okumzungezayo.”

33Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda bacindezelwe kanyekanye; bonke ababathumbileyo bababamba, abavumi ukuba bahambe.

34Kepha umkhululi wabo unamandla, nguJehova Sebawoti igama lakhe; uyakumela nokumela indaba yabo ukuba aphumuze umhlaba, anyakazise abakhileyo eBabele.

35“Makufike inkemba phezu kwamaKaledi,” usho uJehova, naphezu kwabakhileyo eBabele, naphezu kwezikhulu zalo, naphezu kwezihlakaniphi zalo.

Jeremiah 50 illustration - Jeremiah Chapter 50

36Inkemba ifike phezu kwabaprofethi bamanga, babe yiziwula, inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo, aphele amandla.

37Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo, naphezu kwezinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ephakathi kwalo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.

38Makufike ukusha phezu kwamanzi alo, aze ome, ngokuba yizwe elinezithombe ezibaziweyo, bahlanya ngemifanekiso yabo.

39“Ngalokho izilwane zasehlane ziyakuhlala nezimpungushe, kuhlale khona nezintshe; alisayikuhlalwa kuze kube phakade, lingabe lisakhiwa izizukulwane ngezizukulwane.

40Njengalokho uNkulunkulu wachitha iSodoma neGomora nemizi yawo eyakheleneyo,” usho uJehova, “kanjalo akuyikuhlala muntu khona, kungagogobali khona indodana yomuntu.

Jeremiah 50 illustration - Jeremiah Chapter 50

41“Bheka, kuvela abantu enyakatho, isizwe esikhulu namakhosi amaningi, kuvuswe ekugcineni komhlaba.

42Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa; izwi labo liduma njengolwandle; bakhwele amahhashi, behleliwe njengabantu abayakulwa nawe ndodakazi yaseBabele.

43Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.

44Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”

45Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova asinike ngeBabele namacebo awacebe ngezwe lamaKaledi ukuthi: Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe impela, ikhaya labo limangale ngabo.

Jeremiah 50 illustration - Jeremiah Chapter 50

46Ngomsindo wokuthathwa kweBabele umhlaba uyazamazama, ukukhala kuzwakale phakathi kwezizwe.

Chapter Complete

You have read Jeremiah 50

46 verses