Lumina
Jeremiah

Judah's Wickedness

Jeremiah 5·Zulu Bible

1“Yehlani nenyuke ezitaladini zaseJerusalema, nibone nazi, nicinge ezigcawini, uma ningafumana umuntu, uma kukhona owenza ukwahlulela, ofuna iqiniso; bese ngilithethelela.

2Noma bethi: ‘Kuphila kukaJehova,’ nokho bafunga amanga.”

3Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.

4Ngase ngithi mina: “Laba bayizimpofana nje, bayiziwula, ngokuba abayazi indlela kaJehova, ukwahlulela kukaNkulunkulu wabo.

5Sengiyakuya kwabakhulu, ngikhulume nabo, ngokuba bona bayayazi indlela kaJehova nokwahlulela kukaNkulunkulu wabo;” kepha bona babelaphulile ijoka kanyekanye, bazigqabulile izibopho.

Jeremiah 5 illustration - Jeremiah Chapter 5

6Ngalokho ingonyama yasehlathini iyakubashaya, babhujiswe yimpisi yasehlane, ingwe iyiqamekele imizi yabo, badatshulwe bonke abaphuma kuyo, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlehla kwabo kwandile.

7“Ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabafungisa, kepha baphinga, babuthana endlini yezifebe.

8Banjengamahhashi akhulupheleyo andindayo; yilowo nalowo uyiyizela umfazi womakhelwane wakhe.

9Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?

10“Khuphukelani ezingangeni zalo, nilichithe, ningaliqedi ngokupheleleyo nokho; susani amagatsha alo, ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.

Jeremiah 5 illustration - Jeremiah Chapter 5

11Ngokuba indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zingikhohlisile nokungikhohlisa,” usho uJehova.

12Zimphikile uJehova, zathi: “Hhayi yena! Okubi akuyikusehlela, asiyikubona inkemba nendlala.

13Abaprofethi bayakuba ngumoya, akakho okhulumayo kubo; kuyakwenziwa kanjalo kubo.”

14Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uthi: “Ngokuba nikhuluma leli zwi, bhekani, ngiyakwenza amazwi ami abe ngumlilo emlonyeni wakho, nalaba bantu babe yizinkuni, ubadle.

15Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu isizwe esivela kude nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova; “yisizwe esinamandla, yisizwe esidala, yisizwe ongazi ulimi lwaso, nongezwa lokhu abakukhulumayo.

Jeremiah 5 illustration - Jeremiah Chapter 5

16Isambo sabo sinjengethuna elivulekileyo, bangamaqhawe bonke.

17Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho, badle amadodana akho namadodakazi akho, badle izimvu zakho nezinkomo zakho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho, bachithe ngenkemba imizi yakho ebiyelweyo othemba kuyo.

18“Kepha nangalezo zinsuku,” usho uJehova, “angiyikuniqeda ngokupheleleyo.

19Kuyakuthi lapho nisho nithi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lokhu na?’ usho kubo ukuthi: ‘Njengalokho ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.’

20“Memezani lokhu endlini kaJakobe, nikuzwakalise kwaJuda ngokuthi:

Jeremiah 5 illustration - Jeremiah Chapter 5

21Yizwani lokhu nina bantu eniyiziwula neningenakuqonda, eninamehlo, ningaboni kodwa, eninezindlebe, ningezwa kodwa.

22Aningesabi yini,” usho uJehova, “anithuthumeli phambi kwami, mina engibeke isihlabathi sibe ngumkhawulo wolwandle, umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na? Noma lugubha, alunakuwahlula; noma luduma, alunakudlula kuwo.

23Kepha laba bantu banenhliziyo eyambukileyo nehlubukileyo; bambuka, bahamba.

24Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi: ‘Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethu onika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo, asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna.’

25Ububi benu buchezukisile lokhu, nezono zenu zinenqabele okuhle.

Jeremiah 5 illustration - Jeremiah Chapter 5

26“Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi, baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni, babeke ugibe, babambe abantu.

27Njengendlwana yezinyoni igcwele zona, kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso; ngalokho bakhulile, bacebile.

28Bakhuluphele, bayacwebezela; yebo, bayadlula ezintweni zobubi; abameli ukulunga, abameli izintandane ukuba zihlahlamele, nemfanelo yabampofu abayahluleli.

29Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?

30“Okumangalisayo nokwesabekayo kuyenziwa ezweni.

Jeremiah 5 illustration - Jeremiah Chapter 5

31Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?

Chapter Complete

You have read Jeremiah 5

31 verses