Lumina
Jeremiah

The Potter's House

Jeremiah 18·Zulu Bible

1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:

2“Suka wehlele endlini yombumbi, ngikuzwise khona amazwi ami.”

3Ngehlela endlini yombumbi; bheka, wasebenza umsebenzi wakhe esondweni lokubumba.

4Kepha isitsha asenza ngebumba sonakala esandleni sombumbi; wabuye wenza esinye isitsha njengokuhle emehlweni ombumbi ukuba asenze.

5Lase lifika izwi likaJehova kimi, lithi:

Jeremiah 18 illustration - Jeremiah Chapter 18

6“Bengingenze kinina ndlu ka-Israyeli njengalo mbumbi na?” usho uJehova. “Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami nina ndlu ka-Israyeli.

7Ngesikhathi esithile, lapho ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwusiphula, nokuwudiliza, nokuwuchitha,

8leso sizwe engikhulumile ngaso bese siphenduka ebubini baso, ngiyakubuya kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kuso.

9Ngesinye isikhathi ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwakha nokuwutshala;

10uma senza okubi emehlweni ami, singalilaleli izwi lami, ngiyakubuya kukho okuhle ebengisho ukuthi ngiyakusenzela khona.

Jeremiah 18 illustration - Jeremiah Chapter 18

11“Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, nginibumbela okubi, ngiceba icebo ngani; buyani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’

12Kepha bathi: ‘Kuyize, ngokuba siyakulandela amacebo ethu, senze, kube yilowo nalowo ngenkani yenhliziyo yakhe embi.’ ”

13Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi ngubani owake wezwa okunjengalokho na? Intombi yakwa-Israyeli yenzile into eyesabekayo kakhulu.

14Ungqoqwane waseLebanoni uyashiya yini amadwala asendle, namanzi aqandayo agobhoza kude ayakusha, na?

15Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho, bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasendulo ukuba bahambe ngemikhondo, ngezindlela ezingahlelwanga,

Jeremiah 18 illustration - Jeremiah Chapter 18

16benze izwe labo libe yisimangaliso nento encimfelwayo njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.

17Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane kungabi ngubuso ngosuku lwengozi yabo.”

18Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”

19Nginake, Jehova, uzwe izwi labamelene nami.

20Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.

Jeremiah 18 illustration - Jeremiah Chapter 18

21Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni, ubakhaphele osikweni lwenkemba, abafazi babo baphucwe abantwana, babe ngabafelokazi, amadoda abo abulawe ngukufa, izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.

22Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho ubehlisela impi ngokuzumayo, ngokuba bembile umgodi wokungibamba, bafihlela izinyawo zami izingibe.

23Kepha wena Jehova uyawazi onke amasu abo okungibulala; ungathetheleli ububi babo, nezono zabo ungazesuli emehlweni akho, kepha mabakhubekiswe phambi kwakho, ubavukele ngesikhathi sentukuthelo yakho.

Chapter Complete

You have read Jeremiah 18

23 verses