Lumina
Isaiah

Prayer for Mercy

Isaiah 64·Zulu Bible

1Sengathi ungadabula amazulu, wehle, zizamazame izintaba phambi kwakho

2njengokuphenjwa komlilo ezinsabeni, nalapho umlilo ubilisa amanzi, ukuze wazise izitha zakho igama lakho, izizwe zithuthumele phambi kwakho.

3Ekwenzeni kwakho okwesabekayo esingakubhekanga wehla; izintaba zathuthumela phambi kwakho.

4Kusukela endulo abantu abezwanga, abacoshanga nangendlebe, futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho osebenzela omhlalelayo.

5Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga, labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela, thina sona; sahlala kukho nasendulo; siyakusindiswa na?

Isaiah 64 illustration - Isaiah Chapter 64

6Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga, nobubi bethu basisusa njengomoya.

7Kwakungekho owalibiza igama lakho, owazivusela ukubambelela kuwe, ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.

8Kepha manje, Jehova, unguBaba; thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu, singumsebenzi wesandla sakho sonke.

9Ungathukutheli kakhulu, Jehova, ungakhumbuli njalo ububi. Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.

10Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane; iSiyoni liphendukile ihlane, neJerusalema liyincithakalo.

Isaiah 64 illustration - Isaiah Chapter 64

11Indlu yethu engcwele nemangalisayo, lapho obaba babekudumisa khona, ishisiwe ngomlilo, nazo zonke izindawo zethu ezithandekayo ziphendukile izincithakalo.

12Ungazibamba kukho konke lokhu, Jehova? Ungathula, uze usihluphe kangaka, na?

Chapter Complete

You have read Isaiah 64

12 verses