1Usho kanje uJehova, uthi: “Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe.
2Ubusisiwe umuntu owenza lokhu, nendodana yomuntu ebambelela kukho, ogcina isabatha engaloni, osibamba isandla sakhe ukuba singenzi nakuphi okubi.”
3Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehova mayingasho ukuthi: “Impela uJehova uyakungahlukanisa nabantu bakhe,” nomthenwa angathi: “Bheka, ngingumuthi owomileyo.”
4Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi: “Abagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami
5bona ngiyakubanika endlini yami naphakathi kwezingange zami isikhumbuzo negama elihle kunamadodana namadodakazi; ngiyakubanika igama eliphakade, elingayikunqunywa.

6Nabezizwe abazihlanganisa noJehova ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehova ukuba babe yizinceku zakhe bonke abaligcina isabatha, bangaloni, nababambelela esivumelwaneni sami,
7yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka; iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo iyakwamukeleka e-altare lami, ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”
8INkosi uJehova ebutha abaxoshiweyo bakwa-Israyeli ithi: “Ngisezakubuthela kuye nabanye ngaphandle kwabase bebuthiwe.”
9Nonke nina zilwane zasendle, wozani nidle, nonke nina zilwane zasehlathini.
10Bonke abalindi bayizimpumputhe, abanakwazi; bonke bayizinja eziyizimungulu, abakwazi ukukhonkotha, balala bephupha, bathanda ukozela.

11Yebo, bayizinja ezihahayo, abakwazi ukusutha; yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda, baphendukela bonke ezindleleni zabo, kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe, bonke kanyekanye.
12Wozani, ngiyakuletha iwayini, sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.
You have read Isaiah 56
12 verses