Lumina
Isaiah

Stubborn Israel

Isaiah 48·Zulu Bible

1“Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe obiziwe ngegama lika-Israyeli, waphuma emanzini akwaJuda, ofunga igama likaJehova, odumisa uNkulunkulu ka-Israyeli, kungengaqiniso nakulunga kodwa.

2Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele, bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli, nguJehova Sebawoti igama lakhe.

3Ngimemezele izinto zakuqala zamandulo, zaphuma emlonyeni wami, ngazizwakalisa; ngazenza ngokuzumayo, zenzeka.

4Ngokuba bengazi ukuthi unenkani, nentamo yakho ingumsipha wensimbi, nebunzi lakho liyithusi,

5ngazimemezela kwasendulo, ngazizwisa kungakenzeki, funa usho uthi: ‘Isithombe sami sizenzile, isithombe sami esibaziweyo, nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile.’

Isaiah 48 illustration - Isaiah Chapter 48

6Wawukuzwile konke lokho; wakubona; awuyikukumemezela na? “Ngikuzwisile okusha kusukela namuhla, yebo, nokusithekileyo ongakwazanga.

7Kudaliwe manje, kungesendulo; awukuzwanga ngaphambi kwalolu suku, funa uthi: ‘Bheka, bengikwazi.’

8Yebo, awuzwanga, awazanga, kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa, wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.

9Ngenxa yegama lami ngiyakulibazisa intukuthelo yami, ngizibambele wena ngodumo lwami ukuba ngingakunqumi.

10Bheka, ngikucwengisisile, kungavelanga isiliva kodwa; ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.

Isaiah 48 illustration - Isaiah Chapter 48

11Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza, ngokuba igama lami lingcoliselwani na? Anginiki omunye inkazimulo yami.

12“Ngilalele, Jakobe, wena Israyeli, obiziweyo wami; ngisenguye, ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina.

13Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba, nesokunene sami silenekile izulu; lapho ngikubizayo, kuma ndawonye.

14“Buthanani nina nonke, nizwe; ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na? Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele, nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.

15Mina, mina ngikhulumile, yebo, ngimbizile, ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe.

Isaiah 48 illustration - Isaiah Chapter 48

16“Sondelani kimi, nizwe lokhu; angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni; kusukela esikhathini sokuba kwenzeke, ngangikhona.” Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.

17Usho kanje uJehova uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.

18Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle;

19nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi, nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso; igama lakhe nga linganqunywanga, lachithwa ngaphambi kwami.”

20Phumani eBabele, nibalekele amaKaledi, nimemezele lokhu ngezwi lokujabula, nikuzwakalise lokhu, nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi: “UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.”

Isaiah 48 illustration - Isaiah Chapter 48

21Kabomanga lapho ebahola emahlane, wenza ukuba amanzi abagobhozele edwaleni; futhi waliqhekeza idwala, amanzi ampompoza.

22“Akukho ukuthula kwababi,” usho uJehova.

Chapter Complete

You have read Isaiah 48

22 verses