Lumina
Isaiah

Fall of Babylon

Isaiah 47·Zulu Bible

1“Yehla, uhlale othulini wena ntombi, ndodakazi yaseBabele, uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi, wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema.

2Thatha amatshe okugaya, ugaye impuphu, uyisuse imvakazi yakho, uwukhumule umhushuzo wakho, wambule umlenze, uwele imifula.

3Ubuze bakho buyakwambulwa, yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala; ngiyakuphindisa, ngingayeki muntu.

4Igama loMhlengi wethu linguJehova Sebawoti, oNgcwele ka-Israyeli.

5“Hlala uzithulele, ungene ebumnyameni, wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso.

Isaiah 47 illustration - Isaiah Chapter 47

6Ngabathukuthelela abantu bami, ngalingcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.

7Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo.

8“Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo, ohlala ulondekile, othi enhliziweni yakho: Yimi, akakho omunye; angiyikuhlalisa okomfelokazi, nokufelwa abantwana angiyikukwazi.

9Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa, kwabantwana nobufelokazi kufike phezu kwakho ngokugcweleyo phakathi kobuningi bamalumbo akho, nobuningi beziphonso zakho.

10Wethembile ebubini bakho, wathi: ‘Akakho ongibonayo.’ Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukudukisile; wathi enhliziyweni yakho: ‘Yimi, akakho omunye.’

Isaiah 47 illustration - Isaiah Chapter 47

11Kepha ububi buyakukwehlela, awuyikwazi lapho buvela khona; nengozi iyakuwela phezu kwakho, awuyikuba namandla okuyichezukisa, incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.

12“Yima manje neziphonso zakho nobuningi bamalumbo akho okhandlekile kukho kwasebusheni bakho; mhlawumbe uyakusizakala, mhlawumbe uyakubanga uvalo.

13Ukhathele ngobuningi bamacebo akho; mabasukume, bakusindise abadabula izulu, nababheka izinkanyezi, nabazisa ngezinyanga ezintsha ukuthi kuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela.

14Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo, abayikuzophula emandleni elangabi; akusilo ilahle lokotha, akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.

15Ziyakuba njalo kuwe izinto okhandleke kuzo, zihambisene nawe kwasebusheni bakho; seziyakuzulazula, kube yileyo naleyo ngendlela yayo, ekusindisayo ingabikho.

Chapter Complete

You have read Isaiah 47

15 verses