Lumina
Isaiah

Israel's Redeemer

Isaiah 43·Zulu Bible

1Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami.

2Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.

3Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uMsindisi wakho; ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho, iKushe neSheba esikhundleni sakho.

4Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami, futhi ubudumile, uthandekile kimi, ngiyakunika abantu esikhundleni sakho, nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.

5Ungesabi, ngokuba nginawe; ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga, ngikubuthe nasentshonalanga.

Isaiah 43 illustration - Isaiah Chapter 43

6Ngiyakusho kuyo inyakatho, ngithi: ‘Balethe,’ nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami akude, namadodakazi ami ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,

7onke abizwe ngegama lami, nengiwadalele inkazimulo yami, engiwabumbile nengiwenzile.”

8Lethani abantu abayizimpumputhe abanamehlo nezithulu ezinezindlebe.

9Izizwe zonke mazibuthelwe ndawonye, abantu bonke babuthane; ngubani phakathi kwabo ongamemezela lokhu, asizwise izinto zakuqala; mabalethe ofakazi babo ukuba balungisiswe, bezwe, bathi: “Kuyiqiniso.”

10“Ningofakazi bami,” usho uJehova, “nenceku yami engiyikhethileyo ukuba nazi, ningethembe, niqonde ukuthi nginguye; ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemva kwami akayikuba khona.

Isaiah 43 illustration - Isaiah Chapter 43

11Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi.

12Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile, kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu; yebo, ningofakazi bami,” usho uJehova, “mina nginguNkulunkulu.

13Yebo, kwasendulo nginguye; akakho ongophula esandleni sami; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?”

14Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngenxa yenu ngithumele eBabele, ngiyakwehlisa bonke njengababaleki, namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo.

15NginguJehova oNgcwele wenu, uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.”

Isaiah 43 illustration - Isaiah Chapter 43

16Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle, nomkhondo emanzini anamandla,

17okhipha izinqola namahhashi, impi namandla; kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka; kucishile, kucinyiwe njengomongo.

18“Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo.

19Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.

20Izilwane zasendle ziyakungidumisa, amakhanka nezintshe, ngokuba ngiveza amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi ukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo,

Isaiah 43 illustration - Isaiah Chapter 43

21laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami.

22“Kepha awungibizanga, Jakobe, ngokuba wadinwa yimi, Israyeli.

23Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa, awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angikukhonzisanga ngeminikelo, angikudinisanga ngenhlaka.

24Awungithengelanga umhlanga othaphukayo ngemali, awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho, kepha ungisebenzisile ngezono zakho, ungidinisile ngobubi bakho.

25“Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho.

Isaiah 43 illustration - Isaiah Chapter 43

26Ngikhumbuze, masahlulelane; yisho wena ukuba ulungisiwe.

27Uyihlo wokuqala wona, abahumushi bakho bangihlubukile.

28Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele, ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.

Chapter Complete

You have read Isaiah 43

28 verses