Lumina
Isaiah

The Highway of Holiness

Isaiah 35·Zulu Bible

1Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe.

2Luyakukhahlela kahle, luthokoze, yebo, luthokoze, luhube; luyakuphiwa udumo lweLebanoni, nobukhosi beKarmeli nobeSharoni, lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.

3Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo.

4Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: “Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.”

5Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu.

Isaiah 35 illustration - Isaiah Chapter 35

6Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi.

7Isihlabathi esibengezelayo siyakuba yichibi, isigagadu sibe yimithombo yamanzi; ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khona kuyakuba khona igceke lomhlanga nekhwani.

8Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.

9Akuyikuba khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona; lokho akuyikufunyanwa khona, kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.

10Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.

Chapter Complete

You have read Isaiah 35

10 verses