Lumina
Isaiah

Judgment of the Nations

Isaiah 34·Zulu Bible

1Sondelani nina zizwe, nizwe, nilalele nina bantu: makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo, nezwe nakho konke okuvela kulo.

2Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke, ufuthekela yonke impi yazo; uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni.

3Ababuleweyo bazo balahliwe, nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo; izintaba zincibilika ngegazi labo.

4Ibandla lonke lasezulwini liyaphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinini nanjengokubunileyo emkhiwaneni.

5Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini; bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.

Isaiah 34 illustration - Isaiah Chapter 34

6UJehova unenkemba; igcwele igazi, inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uJehova uyanikela eBosira, unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.

7Izinyathi ziwa kanye nazo, nezinkunzana kanye nezinkunzi; izwe labo liyakugcwala igazi, nothuli lwabo luyakunona ngamanoni.

8Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova; ngumnyaka wokubuyisela ngendaba yaseSiyoni.

9Imifudlana yakhona iyakuphenduka ikolitayi, uthuli lwakhona lube yisibabule, nezwe langakhona libe yikolitayi elivuthayo.

10Aliyikucinywa ubusuku nemini; umusi walo uyakukhuphuka kuze kube phakade; izizukulwane ngezizukulwane liyakuba yize, akuyikulidabula muntu nanini nanini.

Isaiah 34 illustration - Isaiah Chapter 34

11Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu, kwakhe kulo isikhova negwababa; uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo, nomthofu wokumisa wokuyize.

12Phakathi kwabakhulu balo akakho oyakumemezela umbuso, nazo zonke izikhulu zalo ziyakuba yinto engelutho.

13Ameva ayakukhuphukela ezindlini zamakhosi, izimbabazane namakhakhasi ezinqabeni zalo, libe yikhaya lamakhanka negceke lezintshe.

14Izilwane zasehlane ziyakuhlangana nezimpungushe, nedemoni liyakukhala kumngane walo, kwakhe khona umkhovu, uzitholele indawo yokuphumula.

15Lapho umantshingeyana uyakwakha ikhaya lakhe, azalele, achamisele, afukame ngomthunzi wakhe, kubuthane khona nawonhloyile, kube yilowo nalowo nomngane wakhe.

Isaiah 34 illustration - Isaiah Chapter 34

16Funani encwadini kaJehova, nifunde; ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu, ayikho eyakuswela umngane wayo, ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile, nomoya wakhe okuhlanganisile.

17Nguye okwenzele inkatho; yisandla sakhe esikwabele ngentambo; kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade, izizukulwane ngezizukulwane kuyakuhlala kulo.

Chapter Complete

You have read Isaiah 34

17 verses