Lumina
Isaiah

Egypt's Worthless Help

Isaiah 30·Zulu Bible

1“Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova, “abenza iziluleko, kungengezami nokho, nabenza isivumelwano, kungengesomoya wami kodwa, ukuze bengeze isono esonweni,

2abahamba ukuba behlele eGibithe, bengacelanga emlonyeni wami, baziqinise emandleni kaFaro, baphephele emthunzini waseGibithe!

3Ngalokho amandla kaFaro ayakuba ngamahloni kini, ukuphephela kwenu emthunzini waseGibithe kube ngukudumala kini.

4Ngokuba noma izikhulu zakhe ziseSowani, nezithunywa zakhe zifinyelela eHanesi,

5bonke bayakuba namahloni ngabantu abangenakubasiza, abangenansizakalo nanzuzo, kepha bengamahloni nehlazo kuphela.”

Isaiah 30 illustration - Isaiah Chapter 30

6Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu. Badabula izwe losizi nelokuhlupheka, lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi, ibululu nenyoka endizayo, bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongolo nengcebo yabo phezu kwamalunda amakamela bakuyise kubantu abangenansizakalo.

7IGibithe lisiza ngeze nangento engelutho; ngalokho ngilibize ngokuthi iRahabi elihlezi lithule.

8Manje hamba ukulobe phambi kwabo esibhebheni, ukubhale encwadini ukuba kube ngubufakazi besikhathi esizayo kuze kube phakade.

9Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,

10abathi kubaboni: “Ningabe nisabona,” nakubaprofethi: “Ningasiprofetheli okuqinisileyo, kepha khulumani kithina okuthophayo, niprofethe inkohliso;

Isaiah 30 illustration - Isaiah Chapter 30

11phambukani endleleni, nichezuke emkhondweni, nimdedisele kithi oNgcwele ka-Israyeli.”

12Ngalokho usho kanje oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Njengokuba nilidelela leli zwi, nethemba kukho ukucindezela nakukho okuphambeneyo, nencike kukho,

13ngalokho lobu bubi buyakuba njengokomfantu lapho sekuzakuwa, kuvokomele ogangeni oluphakemeyo, ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.

14Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi, esichotshozwa singahawukelwa, kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephu nodengezi lokuthatha umlilo eziko, nolokucakula amanzi emgodini.”

15Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.

Isaiah 30 illustration - Isaiah Chapter 30

16Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngalokho niyakubaleka: ‘Sikhwele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.

17Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa; ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe njengensika esiqongweni sentaba nanjengebhanela phezu kwegquma.”

18Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.

19Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula.

20Noma iNkosi iyakukunika isinkwa sosizi namanzi okuhlupheka, abafundisi bakho abasayikucasha, kodwa amehlo akho ayakubabona abafundisi bakho,

Isaiah 30 illustration - Isaiah Chapter 30

21nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.

22Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: “Suka lapha.”

23Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.

24Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyakudla ukudla okuyolisiweyo, okweliweyo ngefosholo nangembenge.

25Kuzo zonke izintaba eziphakemeyo nakuwo onke amagquma amade kuyakuba khona imifula nemifudlana yamanzi ngosuku lokuhlaba okukhulu, lapho kuyakuwa imibhoshongo.

Isaiah 30 illustration - Isaiah Chapter 30

26Futhi ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuyakuphindwa kasikhombisa njengokukhanya kwezimini eziyisikhombisa ngosuku uJehova abopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda zemivimbo yabo.

27Bheka, igama likaJehova livela kude, livutha ngolaka lwakhe, linzima ngamafu; izindebe zakhe zigcwele intukuthelo, nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo;

28ukuphefumula kwakhe kunjengomfula okhukhulayo, uze ufinyelele entanyeni, ukuhlunga izizwe ngesihlungo sokubhubhisa; itomu elidukisayo liyakuba semihlathini yezizwe.

29Niyakuhlabelela njengasebusuku lapho kugujwa umkhosi, nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshingo kuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.

30UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo, abonakalise ukwehla kwengalo yakhe ngokuvutha kolaka lwakhe, nangelangabi lomlilo oqothulayo, ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.

Isaiah 30 illustration - Isaiah Chapter 30

31Ngokuba ngezwi likaJehova i-Asiriya liyakushaywa luvalo, lapho elishaya ngenduku.

32Kuyakuthi njalo lapho induku enqunyiweyo idlula, uJehova ayibeka phezu kwalo, kube ngezigubhu nangamahabhu, alwe nalo ngengalo enikiniweyo.

33Indawo yokushisela kade yahlelwa, yebo, yalungiselwa nenkosi; uyenze yajula, yaba banzi; igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi, nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule; kuyayokhela.

Chapter Complete

You have read Isaiah 30

33 verses