Lumina
Isaiah

Song of Praise to God

Isaiah 25·Zulu Bible

1Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa, ngidumise igama lakho, ngokuba wenzile izimangaliso, namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.

2Ngokuba wenzile umuzi waba yinqwaba, nomuzi obiyelweyo waba yincithakalo; indlu yamakhosi abafokazi ayiseyiwo umuzi, ayisayikwakhiwa futhi kuze kube phakade.

3Ngalokho abantu abanamandla bayakukudumisa, imizi yezizwe ezinonya zikwesabe.

4Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu, inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo, isiphephelo esivunguvungwini, umthunzi ekubaleleni, ngokuba umoya waba nonya, unjengesivunguvungu odongeni,

5nanjengokushisa endaweni eyomileyo. Uyathobisa umsindo wabafokazi; njengokubalela ngomthunzi wefu, kanjalo ihubo labanonya liyakudanjiswa.

Isaiah 25 illustration - Isaiah Chapter 25

6UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.

7Uyakuchitha kule ntaba ingaphandle lesimbozo esimboza abantu bonke, nomgubuzelo ogubuzela zonke izizwe.

8Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile.

9Kuyakuthiwa ngalolo suku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.”

10Ngokuba kule ntaba isandla sikaJehova siyakuphumula, noMowabi uyakunyathelwa phansi endaweni yakhe njengotshani bunyathelwa emgodini womquba.

Isaiah 25 illustration - Isaiah Chapter 25

11Noma elula izandla zakhe phakathi kwawo njengohlambayo elula ukuba ahlambe, uyakuthobisa ukuziphakamisa kwakhe kanye nobuhlakani bezandla zakhe.

12Izinqaba eziphakemeyo zezingange zakho uyakuzibhidliza, azithobise, azenze ukuba zithintane nomhlabathi nothuli.

Chapter Complete

You have read Isaiah 25

12 verses