Lumina
Isaiah

The Mountain of the LORD

Isaiah 2·Zulu Bible

1Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema.

2Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.

3Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.

4Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi; bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.

5Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.

Isaiah 2 illustration - Isaiah Chapter 2

6Ngokuba ushiyile abantu bakho, indlu kaJakobe, lokhu begcwele ezasempumalanga, behlola imihlola njengamaFilisti, bexhawulana nabantwana babezizwe.

7Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide, akukho ukuphela kwengcebo yabo; izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi, nokuphela kwezinqola akukho.

8Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe; bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo nakwekwenzileyo iminwe yabo.

9Kepha abantu bayakufoliswa, namadoda ayakuthotshiswa; abayikuthethelelwa.

10Ngena edwaleni, ucashe othulini ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe.

Isaiah 2 illustration - Isaiah Chapter 2

11Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa, nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku.

12Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakuba phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo, naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe,

13naphezu kwayo yonke imisedari yaseLebanoni, emide nephakemeyo, naphezu kwawo onke ama-oki aseBashani,

14naphezu kwazo zonke izintaba ezinde, naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo,

15naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo, naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo,

Isaiah 2 illustration - Isaiah Chapter 2

16naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi, naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo.

17Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa, nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku,

18ziphele izithombe, zithi nya.

19Bayakungena emihumeni yamadwala nasemigodini yomhlaba ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.

20Ngalolo suku abantu bayakulahla kuwo amavukuzi nakuwo amalulwane izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,

Isaiah 2 illustration - Isaiah Chapter 2

21ukuze bangene emihumeni yamadwala nasemifantwini yeziwa ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.

22Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje, ngokuba babalwa njengantoni na?

Chapter Complete

You have read Isaiah 2

22 verses