Lumina
Isaiah

Land Beyond Ethiopia

Isaiah 18·Zulu Bible

1Wo kuwena lizwe lokuhashaza kwamaphiko eliphesheya komfula waseKushe,

2elithuma izigijimi ngolwandle nangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi. Hambani nina zithunywa ezinejubane, niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo, kubantu abesabekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula.

3Nonke nina enakhileyo ezweni nani nonke enihlezi emhlabeni bhekani, lapho ibhanela liphakanyiswa ezintabeni; zwanini, lapho icilongo libethwa.

4Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi: “Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami, njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga, njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.”

5Ngokuba kungakafiki ukuvuna, nokukhahlela sekuphelile, nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo, uyakunquma amahlumela ngawocelemba, awasike amagatsha, awasuse.

Isaiah 18 illustration - Isaiah Chapter 18

6Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeni nawezilwane zasemhlabeni; amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo, nazo zonke izilwane zomhlaba ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.

7Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawoti yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo, sivela kubantu abesabekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula, endaweni yegama likaJehova Sebawoti, intaba yaseSiyoni.

Chapter Complete

You have read Isaiah 18

7 verses