1Thumani amawundlu ombusi wezwe aphume eSela ngasehlane, aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni.
2Kuyakuthi njengezinyoni ezizulazulayo, njengamaphuphu ahlakazekileyo, abe njalo amadodakazi akwaMowabi emazibukweni ase-Arinoni.
3“Lulekanani, nenze izinqumo, ubeke isithunzi sakho njengobusuku phakathi kwemini, nithukuse abaxoshiweyo, ningadaluli ababalekileyo.
4Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe; mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi.” Lapho umcindezeli esephelile, nokuchitha sekuyekiwe, nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,
5kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa, kuhlale kuso ngeqiniso etendeni likaDavide umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.

6Sizwile ngokuziphakamisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe nokuziqhenya kwakhe nentukuthelo yakhe nokuphafuza kwakhe okuzenzisayo.
7Ngalokho uMowabi uyaklewula ngoMowabi; bonke bayakuklewula. Niyakukhala ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo zaseKhiri Haresheti nidabukile kakhulu.
8Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunile kanye nomvini waseSibima; amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo; afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.
9Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibima njengokukhala kweJazeri, ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami, nawe Elehale, ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakho kuwile ukumemeza kwempi.
10Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini; nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa; abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngenze ukuba kuphele ukumemeza.

11Ngalokho inhliziyo yami iyakhala njengehabhu ngoMowabi, nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.
12Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala, azikhathaze endaweni ephakemeyo, aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze, angaphumeleli.
13Yileli izwi uJehova alikhulumayo ngoMowabi ngaleso sikhathi.
14Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: “Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa, noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.”
You have read Isaiah 16
14 verses