Lumina
Isaiah

Fall of Lucifer

Isaiah 14·Zulu Bible

1Ngokuba uJehova uyakumhawukela uJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, ababeke ezweni lakubo; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo, banamathele endlini kaJakobe.

2Abantu bayakubathatha, babayise ezindaweni zabo; indlu yakwa-Israyeli iyakubenza ifa ezweni likaJehova, babe yizinceku nezincekukazi, babathumbe labo abakade bethunjiwe yibo, babuse phezu kwabacindezeli babo.

3Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo,

4uphakamise lesi saga ngenkosi yaseBabele, uthi: “Yeka ukuphela komcindezeli nokugcina kokubhensa!

5UJehova waphulile udondolo lwababi nentonga yababusi

Isaiah 14 illustration - Isaiah Chapter 14

6eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo, eyabusa izizwe ngolaka ngokuzingela okunganqandwanga.

7Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula; baqhumuka ngokuhlabelela.

8Yebo, nemisayipuresi ithokoza ngawe, kanye nemisedari yaseLebanoni, ngokuthi: ‘Selokhu walaliswa phansi, akakho umgawuli okhuphukela kithina.’

9Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi, zonke izikhulu zomhlaba, isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.

10Onke ayakuthatha athi kuwe: Nawe usubuthakathaka njengathi, usufana nathi, na?

Isaiah 14 illustration - Isaiah Chapter 14

11Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo, umsindo wezingubhu zenu; izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela.

12“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe.

13Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho.

14Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu, ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’

15Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi.

Isaiah 14 illustration - Isaiah Chapter 14

16“Abakubonayo bayakugqolozela, bakuqaphele, bathi: ‘Nguye lo muntu owawuzamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso,

17owenza izwe laba yihlane, wayichitha imizi yalo, akavumela iziboshwa zakhe ukuba zigoduke, na?’

18Onke amakhosi ezizwe, onke alala ngodumo, yileyo naleyo endlini yayo.

19Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abahlatshwe yinkemba, abehlela ematsheni omgodi njengesidumbu esinyathelweyo.

20Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni, ngokuba uchithile izwe lakho, wabulala abantu bakho; inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade.

Isaiah 14 illustration - Isaiah Chapter 14

21Lungiselani abantwana bakhe ukubulawa ngobubi bawoyise, ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba, bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.”

22“Ngiyakubavukela,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume eBabele igama, nensali, nendodana, nomzukulwana,” usho uJehova.

23“Ngiyakulenza libe yifa likanondwebu namachibi amanzi, ngilishanele ngomshanelo wencithakalo,” usho uJehova Sebawoti.

24UJehova Sebawoti ufungile, wathi: “Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba njalo, nanjengokunquma kwami kuyakuma kanjalo

25ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami, ngimnyathele phansi ezintabeni zami; bese lisuka kubo ijoka lakhe, nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”

Isaiah 14 illustration - Isaiah Chapter 14

26Yilesi esiyisinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke; yilesi esiyisandla eseluliwe phezu kwezizwe zonke.

27Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile; ngubani ongakuchitha na? Isandla sakhe singeseluliweyo; ngubani ongasibuyisa na?

28Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Ahazi kwavela lesi siprofetho.

29Ungathokozi wena Filistiya lonke ngokuthi intonga ekushayileyo yaphukile, ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu, nenzalo yalo iyakuba yinyoka endizayo.

30Amazibulo abampofu ayakuklaba, nabaswelayo bayakulala belondekile; ngiyakubulala impande yakho ngendlala, nensali yakho iyakubhujiswa.

Isaiah 14 illustration - Isaiah Chapter 14

31Klewula wena sango, dazuluka wena muzi, phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba enyakatho kuvela umusi; akakho oyakwahlukana nebutho lakhe.

32Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na? Ukuthi nguJehova obeke isisekelo eSiyoni; abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.

Chapter Complete

You have read Isaiah 14

32 verses