Lumina
Hosea

Israel's Iniquity

Hosea 7·Zulu Bible

1“Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli, bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya, ngokuba benza inkohliso, amasela ayafohla, nabaphangi baphanga ngaphandle.

2Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami.

3“Ngobubi babo bayathokozisa inkosi, nezikhulu ngamanga abo.

4Bayiziphingi bonke; banjengeziko elishiswa ngumphekisinkwa oyeka ukukhwezela kusukela ekuxovweni kwenhlama kuze kube sekubileni kwayo.

5Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini; yona yayiselulela izideleli isandla.

Hosea 7 illustration - Hosea Chapter 7

6Lapho sebeshisile izinhliziyo zabo ngamacebo zibe njengeziko, umphekisinkwa wabo ulala ubusuku bonke; ekuseni liyavutha njengomlilo wamalangabi.

7Bonke bashisa njengeziko, badla abahluleli babo; onke amakhosi abo ayawa, kungekho phakathi kwabo ongibizayo.

8“U-Efrayimi uyazihlanganisa nabanye abantu: u-Efrayimi uyiqebelengwane elingaphendulwanga.

9Abafokazi badlile amandla akhe, kepha yena akazi; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.

10Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu.

Hosea 7 illustration - Hosea Chapter 7

11“U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo; bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.

12Lapho sebehamba, ngiyabenekela inetha lami, ngibehlise njengezinyoni zezulu, ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.

13Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Makube ngukuchithwa kubo, ngokuba baphambukile kimi! Bengiyakubahlenga mina labo abakhulume amanga ngami na?

14Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo, kepha bahhewula emibhedeni yabo; banovalo ngamabele abo nangewayini labo, kepha mina bayangihlubuka.

15Mina-ke ngafundisa, ngaqinisa izingalo zabo, nokho baceba okubi ngami.

Hosea 7 illustration - Hosea Chapter 7

16Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu, bafana nomnsalo ogejayo; izikhulu ziyakuwa ngenkemba ngenxa yolaka lolimi lwabo. Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.

Chapter Complete

You have read Hosea 7

16 verses