Lumina
Hosea

God's Love for Israel

Hosea 11·Zulu Bible

1“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda, ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.

2Lapho bebabiza, kwaba yilokhu besuka kubo; babahlabela oBali, bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.

3Nokho mina ngamcathulisa u-Efrayimi; ngabaphatha ngezingalo zami, kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.

4Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla.

5“Abayikubuyela ezweni laseGibithe, owase-Asiriya abe yinkosi yabo, ngokuba benqaba ukubuya, na?

Hosea 11 illustration - Hosea Chapter 11

6Inkemba iyakutheleka emizini yabo, iqede imigoqo yayo, ibadle ngenxa yeziluleko zabo.

7Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi; noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani, akakho oziphakamisayo.

8“Ngingakunikela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi, na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.

9Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami, ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; ngingoNgcwele phakathi kwenu, angiyikufika ngolaka.

10Bayakulandela uJehova oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, abantwana bakhe bavele entshonalanga ngokuthuthumela.

Hosea 11 illustration - Hosea Chapter 11

11Bayakuvela ngokuthuthumela eGibithe njengezinyoni, nanjengejuba ezweni lase-Asiriya, ngibahlalise ezindlini zabo,” usho uJehova.

12U-Efrayimi ungizungezile ngamanga, nendlu yakwa-Israyeli ngenkohliso; uJuda usazulazula kuNkulunkulu nakoNgcwele othembekileyo.

Chapter Complete

You have read Hosea 11

12 verses