Lumina
Hosea

Sow Righteousness

Hosea 10·Zulu Bible

1U-Israyeli wayengumvini owenabileyo, ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe; ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.

2Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo.

3Yebo, manje bayakuthi: “Asinankosi, ngokuba asimesabanga uJehova; kepha inkosi ingasenzelani na?”

4Bakhuluma amazwi nje, befunga amanga, benza isivumelwano; bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.

5Abakhileyo eSamariya bayakuba novalo ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulila ngawo, abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo ukuthi lumukile kuwo.

Hosea 10 illustration - Hosea Chapter 10

6Iyakuyiswa e-Asiriya ibe yisipho kuyo inkosi uJarebi; u-Efrayimi uyakwamukela ihlazo, u-Israyeli ajabhe ngeziluleko zakhe.

7Inyamalele inkosi yaseSamariya njengebazelo ebusweni bamanzi.

8Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni, isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo; bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,” nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”

9“Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli; bema khona; impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?

10Lapho ngithanda, ngiyabajezisa; abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.

Hosea 10 illustration - Hosea Chapter 10

11U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo, esithanda ukubhula amabele; kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle; sengiyakumbophela u-Efrayimi, uJuda alime, uJakobe azidubele.

12Zihlwanyeleleni ngokulunga, niyakuvuna ngomusa; qathani umqatho wenu; sekuyisikhathi sokumfuna uJehova, aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.

13Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu.

14Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zichithwe zonke izinqaba zakho, njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.

15Kanjalo iBethele liyakwenza kini ngenxa yobubi benu obukhulu; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakunqunywa nokunqunywa.

Chapter Complete

You have read Hosea 10

15 verses