Lumina
Genesis

The Generations of Adam

Genesis 5·Zulu Bible

1Lokhu kuyincwadi yezizukulwane zika-Adamu. Msukwana uNkulunkulu edala umuntu wamenza ngomfanekiso kaNkulunkulu.

2Wabadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, waqamba igama labo ngokuthi abantu mhla bedalwa.

3U-Adamu wahamba iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana ngomfanekiso wakhe efana naye, wayiqamba igama lokuthi uSeti.

4Izinsuku zika-Adamu emva kokuzalwa kukaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili; wazala amadodana namadodakazi.

5Zonke izinsuku zokuhamba kuka-Adamu zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu; wayesefa.

Genesis 5 illustration - Genesis Chapter 5

6USeti wahamba iminyaka eyikhulu nanhlanu, wazala u-Enoshe.

7Emva kokuzalwa kuka-Enoshe uSeti wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi.

8Zonke izinsuku zikaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi nambili; wayesefa.

9U-Enoshe wahamba iminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye, wazala uKhenani.

10Emva kokuzalwa kukaKhenani u-Enoshe wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili neshumi nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi.

Genesis 5 illustration - Genesis Chapter 5

11Zonke izinsuku zika-Enoshe zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.

12UKhenani wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala uMahalalele.

13Emva kokuzalwa kukaMahalalele uKhenani wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amane, wazala amadodana namadodakazi.

14Zonke izinsuku zikaKhenani zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi; wayesefa.

15UMahalalele wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uJarede.

Genesis 5 illustration - Genesis Chapter 5

16Emva kokuzalwa kukaJarede uMahalalele wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu, wazala amadodana namadodakazi.

17Zonke izinsuku zikaMahalele zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu; wayesefa.

18UJarede wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha namabili, wazala u-Enoke.

19Emva kokuzalwa kuka-Enoke uJarede wahamba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili, wazala amadodana namadodakazi.

20Zonke izinsuku zikaJarede zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nambili; wayesefa.

Genesis 5 illustration - Genesis Chapter 5

21U-Enoke wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uMetushela.

22Emva kokuzalwa kukaMetushela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.

23Zonke izinsuku zika-Enoke zaziyiminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu.

24U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.

25UMetushela wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa, wazala uLameka.

Genesis 5 illustration - Genesis Chapter 5

26Emva kokuzalwa kukaLameka uMetushela wahamba iminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala amadodana namadodakazi.

27Zonke izinsuku zikaMetushela zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nesishiyagalolunye; wayesefa.

28ULameka wahamba iminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nambili, wazala indodana.

29Waqamba igama layo ngokuthi uNowa, ethi: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.”

30Emva kokuzalwa kukaNowa uLameka wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi.

Genesis 5 illustration - Genesis Chapter 5

31Zonke izinsuku zikaLameka zaziyiminyaka engamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nesikhombisa; wayesefa.

32UNowa wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu; uNowa wazala oShemi, noHamu, noJafete.

Chapter Complete

You have read Genesis 5

32 verses