Lumina
Genesis

Genesis 49

Genesis 49·Zulu Bible

1UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.

2“Qoqanani, nizwe, nina madodana kaJakobe, nimlalele u-Israyeli uyihlo.

3“Rubeni, uyizibulo lami wena, amandla ami, ukuqala kwezikhwepha zami, ingqongqo ngesithunzi, ingqongqo ngamandla.

4Uyachichima njengamanzi, awuyikuba nabungqongqo, ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona; wakhwela okhukhweni lwami.

5“OSimeyoni noLevi bayizelamani; izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.

Genesis 49 illustration - Genesis Chapter 49

6Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.

7Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokuba lwalunamandla, nentukuthelo yabo, ngokuba yayinonya; ngizakubahlukanisa kwaJakobe, ngibasakaze kwa-Israyeli.

8“Juda, abafowenu bazakukudumisa wena; isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho; amadodana kayihlo ayakukukhothamela.

9UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni, ndodana yami. Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani oyakumvusa na?

10Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela.

Genesis 49 illustration - Genesis Chapter 49

11Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini, ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle; uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.

12Amehlo akhe ayaklwela iwayini, amazinyo akhe amhlophe ubisi.

13“UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle, abe sosebeni lwemikhumbi; umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.

14“U-Isakare uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya.

15Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle, nezwe ukuthi limnandi; wafolisa ihlombe ukuba athwale, waba yinceku yempoqo.

Genesis 49 illustration - Genesis Chapter 49

16“UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe, njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli.

17UDani uyakuba yinyoka endleleni, inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi, awe nyovane olikhweleyo.

18“Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.

19“UGadi, iviyo liyakumcindezela, kepha yena uyakucindezela isithende salo.

20“Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe; uyakuveza isilovela samakhosi.

Genesis 49 illustration - Genesis Chapter 49

21UNafetali uyindluzelekazi ethukululekileyo; uveza amazwi amnandi.

22“UJosefa uyingatsha entsha ethelayo, ingatsha ethela ngasemthonjeni; amagatsha akhe akhwela odongeni.

23Abacibishelayo bayamkhathaza, bayamdubula, bayamzingela;

24kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile; amandla ezandla zakhe aqiniswa ngezandla zoMninimandla kaJakobe, okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli,

25ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza, ngoSomandla ozakukubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nangezibusiso zasotweni olukhona phansi, nangezibusiso zamabele nezesizalo.

Genesis 49 illustration - Genesis Chapter 49

26Izibusiso zikayihlo zinamandla kunezibusiso zawokhokho bami, kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo; ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade, nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.

27“UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo; ekuseni uyadla impango, kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.”

28Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.

29Wabayala, wathi kubo: “Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti,

30umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani, awuthenga u-Abrahama kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yakhe yokumbela;

Genesis 49 illustration - Genesis Chapter 49

31lapho bembela o-Abrahama noSara umkakhe; lapho bembela o-Isaka noRebeka umkakhe; lapho ngembela uLeya;

32insimu nomhume okuyo okwathengwa kubantwana bakwaHeti.”

33UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.

Chapter Complete

You have read Genesis 49

33 verses