Lumina
Genesis

Genesis 35

Genesis 35·Zulu Bible

1UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i-altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.”

2Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu,

3sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engangiyihamba.”

4Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki elalingaseShekemi.

5Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.

Genesis 35 illustration - Genesis Chapter 35

6UJakobe wafika eLuze elisezweni laseKhanani eliyiBethele, yena kanye nabantu bonke ababe naye.

7Wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi i-Eli Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo.

8UDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki; igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti.

9UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani Aramu, wambusisa.

10UNkulunkulu wathi kuye: “Igama lakho linguJakobe, igama lakho alisayikuthiwa uJakobe; igama lakho lizakuba ngu-Israyeli,” wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli.

Genesis 35 illustration - Genesis Chapter 35

11UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;

12izwe engabapha lona o-Abrahama no-Isaka, ngiyakulinika wena; nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.”

13UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni lapho ebekhulume naye khona.

14UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo.

15UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.

Genesis 35 illustration - Genesis Chapter 35

16Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima.

17Kwathi esenemihelo enzima, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uzakuba nenye indodana futhi.”

18Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini.

19Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.

20UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe, eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.

Genesis 35 illustration - Genesis Chapter 35

21U-Israyeli wasuka, wamisa itende lakhe ngaphambi kombhoshongo wase-Edere.

22Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.

23Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.

24Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini.

25Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali.

Genesis 35 illustration - Genesis Chapter 35

26Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no-Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.

27UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona.

28Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

29U-Isaka wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe, emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.

Chapter Complete

You have read Genesis 35

29 verses