Lumina
Genesis

Genesis 19

Genesis 19·Zulu Bible

1Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso,

2wathi: “Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu, nihlale ubusuku, nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa, nihambe indlela yenu.” Zathi: “Qha, siyakuhlala phandle.”

3Kepha wazincenga kakhulu, zaze zaphambukela kuye, zangena endlini yakhe; wazilungisela idili, wenza isinkwa esingenamvubelo, zadla.

4Zingakalali, amadoda omuzi, amadoda aseSodoma, azungeza indlu, amasha namadala, abantu bonke bephelele.

5Bambiza uLoti, bathi kuye: “Aphi lawa madoda angenise kuwe ebusuku na? Sikhiphele wona ukuba siwazi.”

Genesis 19 illustration - Genesis Chapter 19

6ULoti waphumela kubo ngasemnyango, wavala umnyango emva kwakhe.

7Wathi: “Bafowethu, ningoni.

8Bhekani, nginamadodakazi amabili angayazi ndoda; ake nginiphumisele wona, nenze kuwo njengokufanele emehlweni enu; kepha kulawa madoda ningenzi lutho, ngokuba angene emthunzini wophahla lwami.”

9Bathi: “Suka lapha!” Bathi futhi: “Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale; usefuna ukwahlulela; manje siyakukuhlupha wena kunabo.” Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.

10Khona amadoda azelula izandla, ambuyisela uLoti endlini, avala umnyango.

Genesis 19 illustration - Genesis Chapter 19

11Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango.

12Ayesethi amadoda kuLoti: “Unobani futhi lapha na? Umkhwenyana, namadodana akho, namadodakazi akho, nabo bonke onabo emzini baphumise kule ndawo,

13ngokuba siyakuyichitha le ndawo, lokhu isikhalo sabo sesisikhulu ebusweni bukaJehova; uJehova usithumile ukuba siyichithe.”

14Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.

15Kusantwela izingelosi zamsheshisa uLoti, zathi: “Vuka uthathe umkakho, namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.”

Genesis 19 illustration - Genesis Chapter 19

16Esalibala, amadoda abamba isandla sakhe, nesandla somkakhe, nesandla samadodakazi akhe omabili, uJehova enomusa kuye; amphumisa, ambeka ngaphandle komuzi.

17Kwathi esebaphumisile ngaphandle, wathi: “Baleka, usinde; ungabheki emva kwakho, ungemi ndawo ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.”

18Kepha uLoti wathi kuwo: “Nkosi, makungabi njalo.

19Bheka, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungenzele ububele obukhulu ngokusindisa ukuphila kwami; kepha mina angikwazi ukubalekela entabeni, funa ububi bungifice, ngife.

20Bheka-ke, lowo muzi useduze ukuba ngibalekele kuwo, futhi mncane; ake ngibalekele khona angithi mncane ukuba umphefumulo wami uphile.”

Genesis 19 illustration - Genesis Chapter 19

21Wathi kuye: “Bheka, nakule nto ngiyakukuvumela; angiyikuwuchitha lo muzi okhuluma ngawo.

22Kepha shesha ubalekele khona, ngokuba ngingenze lutho, ungakafiki khona.” Ngalokho umuzi wabizwa ngokuthi iSowari.

23Ilanga laphumela emhlabeni, uLoti esangena eSowari.

24Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.

25Wachitha leyo mizi nethafa lonke, nabo bonke abakhe emizini, nalokho okuhlumayo emhlabathini.

Genesis 19 illustration - Genesis Chapter 19

26Kepha umkakhe wabheka emva kwakhe, waba yinsika kasawoti.

27U-Abrahama wavuka ekuseni, waya endaweni lapho akade emi khona ebusweni bukaJehova.

28Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, wabona, bheka, isisi sezwe senyuka njengomusi weziko.

29Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni, uNkulunkulu wakhumbula u-Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.

30ULoti wakhuphuka eSowari, waya wahlala entabeni kanye namadodakazi akhe omabili, ngokuba wesaba ukuhlala eSowari; wahlala emhumeni namadodakazi akhe amabili.

Genesis 19 illustration - Genesis Chapter 19

31Enkulu yayisithi kwencane: “Ubaba usemdala; akukho ndoda ezweni engangena kithi njengokwenza komhlaba wonke.

32Woza simphuzise ubaba iwayini, silale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”

33Ngalobo busuku ayesemphuzisa uyise iwayini; enkulu yangena yalala noyise, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.

34Kwathi ngangomuso enkulu yathi kwencane: “Bheka, bengilele nobaba izolo; asimphuzise iwayini nangalobu busuku, ungene wena, ulale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”

35Ayesemphuzisa uyise iwayini nangalobo busuku; encane yasuka yalala naye, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.

Genesis 19 illustration - Genesis Chapter 19

36Kanjalo amadodakazi kaLoti omabili akhuleliswa nguyise.

37Enkulu yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uMowabi; lowo unguyise wabakwaMowabi kuze kube namuhla.

38Encane yazala indodana nayo, yaqamba igama layo ngokuthi uBenami; lowo unguyise wabantwana bakwa-Amoni kuze kube namuhla.

Chapter Complete

You have read Genesis 19

38 verses