Lumina
Genesis

Genesis 13

Genesis 13·Zulu Bible

1U-Abrama wakhuphuka eGibithe kanye nomkakhe nakho konke anakho, uLoti enaye, waya ngaseningizimu.

2U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.

3Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu, wafika eBethele, leyo ndawo lapho lalikhona itende lakhe kuqala, phakathi kweBethele ne-Ayi,

4indawo ye-altare abelenzile khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho egameni likaJehova.

5Naye uLoti owahamba no-Abrama wayenezimvu, nezinkomo, namatende.

Genesis 13 illustration - Genesis Chapter 13

6Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.

7Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.

8U-Abrama wathi kuLoti: “Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.

9Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawuhlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.”

10ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.

Genesis 13 illustration - Genesis Chapter 13

11ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani; uLoti wasuka waya ngasempumalanga; bahlukana omunye nomunye.

12U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani; uLoti wahlala emizini yasethafeni, wamisa itende lakhe ngaseSodoma.

13Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.

14UJehova wathi ku-Abrama, uLoti esehlukene naye: “Phakamisa manje amehlo akho ubuke, usendaweni lapho umi khona, ngasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, nasentshonalanga,

15ngokuba izwe lonke olibonayo ngiyakulinika wena nenzalo yakho kuze kube phakade.

Genesis 13 illustration - Genesis Chapter 13

16Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.

17Suka udabule izwe, ubude balo nobubanzi balo, ngokuba ngiyakukunika lona.”

18Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.

Chapter Complete

You have read Genesis 13

18 verses