Lumina
Ezra

Ezra's Journey

Ezra 8·Zulu Bible

1Nazi izinhloko zawoyise, nazi izizukulwane zabakhuphuka nami eBabele ekubuseni kuka-Aritahishashita inkosi:

2Kumadodana kaFinehasi: nguGereshomu; kumadodana ka-Itamari: nguDaniyeli; kumadodana kaDavide: nguHathushi.

3Kumadodana kaShekaniya, kumadodana kaPharoshi: nguZakariya; kanye naye kwabhalwa ngezizukulwane abesilisa abayikhulu namashumi ayisihlanu.

4Kumadodana kaPhahati Mowabi: ngu-Eliyohenayi indodana kaZeraya; kanye naye ngabesilisa abangamakhulu amabili.

5Kumadodana kaShekaniya: yindodana kaJahaziyeli; kanye nayo ngabesilisa abangamakhulu amathathu.

Ezra 8 illustration - Ezra Chapter 8

6Kumadodana ka-Adini: ngu-Ebedi indodana kaJonathani; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisihlanu.

7Kumadodana ka-Elamu: nguJeshaya indodana ka-Athaliya; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisikhombisa.

8Kumadodana kaShefathiya: nguZebadiya indodana kaMikayeli; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisishiyagalombili.

9Kumadodana kaJowabe: ngu-Obadiya indodana kaJehiyeli; kanye naye ngabesilisa abangamakhulu amabili neshumi nesishiyagalombili.

10Kumadodana kaShelomiti: yindodana kaJosifiya; kanye nayo ngabesilisa abayikhulu namashumi ayisithupha.

Ezra 8 illustration - Ezra Chapter 8

11Kumadodana kaBebayi: nguZakariya indodana kaBebayi; kanye naye ngabesilisa abangamashumi amabili nesishiyagalombili.

12Kumadodana ka-Azigadi: nguJohanani indodana kaHakathani; kanye naye ngabesilisa abayikhulu neshumi.

13Kumadodana ka-Adonikamu, awokugcina: nanka amagama awo: ngo-Elifeleti, noJehiyeli, noShemaya, nabesilisa abangamashumi ayisithupha kanye nabo.

14Kumadodana kaBigivayi: ngo-Uthayi noZabudi; kanye nabo ngabesilisa abanamashumi ayisikhombisa.

15Ngababutha emfuleni oya e-Ahava; samisa khona izinsuku ezintathu; ngabheka abantu nabapristi, angifumananga khona noyedwa wamadodana kaLevi.

Ezra 8 illustration - Ezra Chapter 8

16Ngase ngithuma ngibiza o-Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu abayizinhloko, kanye noJoyaribi no-Elinathani abafundisayo.

17Ngabathuma ku-Ido, inhloko yasendaweni yaseKhasifiya, ngabeka emlonyeni wabo amazwi abayakuwakhuluma ku-Ido nakubafowabo amaNethini endaweni yaseKhasifiya ukuba basilethele izinceku zendlu kaNkulunkulu wethu.

18Ngesandla esihle sikaNkulunkulu wethu esasiphezu kwethu basilethela umuntu onengqondo wamadodana kaMaheli indodana kaLevi ka-Israyeli, kanye noSherebiya namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nesishiyagalombili,

19noHashabiya enoJeshaya wamadodana kaMerari, nabafowabo namadodana abo, bengamashumi amabili,

20nakuwo amaNethini uDavide nezikhulu ababewanikele enkonzweni yamaLevi amaNethini angamakhulu amabili namashumi amabili, abizwa onke ngamagama.

Ezra 8 illustration - Ezra Chapter 8

21Ngase ngimemezela khona ukuzila ukudla ngasemfuleni i-Ahava ukuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu, sizifunele kuye indlela emhlophe, thina nabantwana bethu, nemfuyo yethu yonke.

22Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo ukuba kube kuhle, kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.”

23Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu wethu ngalokho, wasizwa.

24Ngase ngahlukanisa ezikhulwini zabapristi abayishumi nambili: oSherebiya, noHashabiya, nabafowabo abayishumi kanye nabo,

25ngabalinganisela isiliva negolide nezitsha, umnikelo wendlu kaNkulunkulu wethu, okwakunikelwe ngawo yinkosi nabeluleki bayo, nezikhulu zayo, naye wonke u-Israyeli owayelapho;

Ezra 8 illustration - Ezra Chapter 8

26ngalinganisela ezandleni zabo amatalenta angamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu esiliva, namatalenta ayikhulu ayizitsha zesiliva, namatalenta ayikhulu egolide,

27nezindebe ezingamashumi amabili zegolide ezingamadarike ayinkulungwane, nezitsha ezimbili zethusi elikhazimulayo nelihle, eliyigugu njengegolide.

28Ngathi kubo: “Ningcwele kuJehova, nezitsha zingcwele; isiliva negolide kungumnikelo wesihle kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo.

29Lindani, nikugcine, nize nikulinganise ngaphambi kwezikhulu zabapristi nezamaLevi nezikhulu zawoyise bakwa-Israyeli eJerusalema emakamelweni endlu kaJehova.”

30Base bamukela abapristi namaLevi okulinganisiweyo, isiliva negolide nezitsha, ukuba bakuyise eJerusalema endlini kaNkulunkulu wethu.

Ezra 8 illustration - Ezra Chapter 8

31Sase sisuka emfuleni i-Ahava ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala ukuba siye eJerusalema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu, wasophula esandleni sesitha nakumqamekeli endleleni.

32Safika eJerusalema, sahlala khona izinsuku ezintathu.

33Ngosuku lwesine kwalinganiswa isiliva negolide nezitsha endlini kaNkulunkulu wethu, kwanikezwa esandleni sikaMeremoti, indodana ka-Uriya, umpristi; u-Eleyazare indodana kaFinehasi wayenaye; uJozabadi indodana kaJeshuwa noNohadiya, indodana kaBinuwi, amaLevi, babe nabo,

34konke-ke kwenziwa ngomumo nangesisindo; sonke isisindo salotshwa ngaleso sikhathi.

35Abathunjwa abaphuma ekuthunjweni banikela ngeminikelo yokushiswa kuNkulunkulu ka-Israyeli eyizinkunzi eziyishumi nambili ngaye wonke u-Israyeli, nezinqama ezingamashumi ayisihiyagalolunye nesithupha, namawundlu angamashumi ayisikhombisa nesikhombisa, nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona; konke kwakungumnikelo wokushiswa kuJehova.

Ezra 8 illustration - Ezra Chapter 8

36Banika imithetho yenkosi kothulasizwe benkosi nakubabusi phesheya koMfula; basekela abantu nendlu kaNkulunkulu.

Chapter Complete

You have read Ezra 8

36 verses