Lumina
Ezra

Returning Exiles

Ezra 2·Zulu Bible

1Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kwababethunjiwe bayiswa eBabele nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,

2bafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilishani, noMisipari, noBigivayi, noRehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:

3abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;

4abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;

5abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu;

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

6abantwana bakwaPhakati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nambili;

7abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

8abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisihiyagalolunye namashumi amane nanhlanu;

9abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;

10abantwana bakwaBani: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili;

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

11abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nantathu;

12abantwana bakwa-Azigadi: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amabili nambili;

13abantwana bakwa-Adonikamu ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha;

14abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisihlanu nesithupha;

15abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu amane namashumi ayisihlanu nane;

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

16abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;

17abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nantathu;

18abantwana bakwaJora: yikhulu neshumi nambili;

19abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;

20abantwana bakwaGibari: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu;

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

21abantwana baseBetlehema: yikhulu namashumi amabili nantathu;

22amadoda aseNethofa; ngamashumi ayisihlanu nesithupha;

23amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;

24abantwana base-Azimaveti: ngamashumi amane nambili;

25abantwana baseKiriyati Arimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

26abantwana baseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;

27amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;

28amadoda aseBethele nase-Ayi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;

29abantwana baseNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;

30abantwana baseMagibishi: yikhulu namashumi ayisihlanu nesithupha;

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

31abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

32abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;

33abantwana baseLodi naseHadidi nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanhlanu;

34abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;

35abantwana baseSenawa; yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

36Abapristi: abantwana bakwaJedaya bendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;

37abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;

38abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;

39abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.

40AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa noKadimiyeli babantwana bakwaHodaviya: ngamashumi ayisikhombisa nane;

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

41Abahlabeleli: abantwana bakwa Asafa: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;

42abantwana babalindisango: abantwana bakwaShalumi, nabantwana bakwa-Atheri, nabantwana bakwaThalimoni, nabantwana bakwa-Akubi, nabantwana bakwaHathita, nabantwana bakwaShobayi, bonke beyikhulu namashumi amathathu nesishiyagalolunye.

43AmaNethini: ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,

44nabantwana bakwaKerosi, nabantwana bakwaSiyaha, nabantwana bakwaPhadoni,

45nabantwana bakwaLebana, nabantwana bakwaHagaba, nabantwana bakwa-Akubi,

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

46nabantwana bakwaHagabi, nabantwana bakwaShamulayi, nabantwana bakwaHanani,

47nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaGahari, nabantwana bakwaRewaya,

48nabantwana bakwaResini, nabantwana bakwaNekhoda, nabantwana bakwaGazamu,

49nabantwana bakwa-Uza, nabantwana bakwaPhaseya, nabantwana bakwaBesayi,

50nabantwana bakwa-Asina, nabantwana bakwaMehuni, nabantwana bakwaNefisimi,

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

51nabantwana bakwaBakibuki, nabantwana bakwaHakufa, nabantwana bakwaHarihuri,

52nabantwana bakwaBasiluthi, nabantwana bakwaMehida, nabantwana bakwaHarisha,

53nabantwana bakwaBarikhosi, nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema,

54nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa.

55Abantwana bezinceku zikaSolomoni: ngabantwana bakwaSothayi, nabantwana bakwaHasofereti, nabantwana bakwaPheruda,

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

56nabantwana bakwaJahala, nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli,

57nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Ami.

58Onke amaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili.

59Nampa abakhuphuka eTheli Mela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adani, nase-Imeri, kepha babengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babengabakwa-Israyeli yini:

60ngabantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili.

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

61Abantwana babapristi: ngabantwana bakwaHabaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi, owathatha umfazi emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.

62Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha kabafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebupristini, kwathiwa bangcolile.

63Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumini.

64Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,

65ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili.

Ezra 2 illustration - Ezra Chapter 2

66Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;

67amakamela abo ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.

68Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;

69zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide, namamane ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.

70Base behlala abapristi, namaLevi, nabanye abantu abathile, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini emizini yabo, bonke abakwa-Israyeli emizini yabo.

Chapter Complete

You have read Ezra 2

70 verses