Lumina
Ezekiel

The Useless Vine

Ezekiel 15·Zulu Bible

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

2“Ndodana yomuntu, umuthi womvini udlula ngani imithi yonke, igatsha lomvini eliphakathi kwemithi yasehlathini, na?

3Kuyakuthathwa kuwo umuthi wokwenza umsebenzi, noma kuthathwe kuwo isikhonkwane ukuphanyeka isitsha, na?

4Bheka, uyafakwa emlilweni ukuba udliwe, ziqedwe ngumlilo izihloko zawo zombili, kuhanguke okuphakathi kwazo; usulungele umsebenzi na?

5Bheka, usaphelele awenziwanga waba ngokomsebenzi; kakhulu kangakanani, lapho umlilo uwuqedile wahanguka, uyobe usenziwa ube ngokomsebenzi, na?

Ezekiel 15 illustration - Ezekiel Chapter 15

6“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Njengomuthi womvini phakathi kwemithi yasehlathini engiwunike umlilo ukuba uqedwe, kanjalo ngiyakunikela abakhileyo eJerusalema.

7Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda; niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo.

8Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo, ngokuba benze isiphambeko, isho iNkosi uJehova.”

Chapter Complete

You have read Ezekiel 15

8 verses