Lumina
Exodus

God's Promise of Deliverance

Exodus 6·Zulu Bible

1UJehova wathi kuMose: “Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe, nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.”

2UNkulunkulu wakhuluma kuMose, wathi kuye: “NginguJehova;

3ngabonakala ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe njengoSomandla, kepha ngegama lami lokuthi uJehova ngangingaziwa kubo.

4Futhi ngamisa isivumelwano sami nabo ukuyobanika izwe laseKhanani, izwe lokugogobala kwabo, lapho bebegogobala khona.

5Yebo, futhi ngizwile ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibithe; ngiyakhumbula isivumelwano sami.

Exodus 6 illustration - Exodus Chapter 6

6“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.

7Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.

8Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova.’ ”

9UMose wakhuluma-ke kanjalo kubo abantwana bakwa-Israyeli; kepha abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo.

10UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

Exodus 6 illustration - Exodus Chapter 6

11“Ngena ukhulume kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba ivumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.”

12UMose wakhuluma ebusweni bukaJehova, wathi: “Bheka, abantwana bakwa-Israyeli abangilalelanga; uFaro angangilalela kanjani, nginezindebe zomlomo ezingasokwanga, na?”

13UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni ukuba bayale abakwa-Israyeli noFaro inkosi yaseGibithe ukukhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe.

14Laba bayizinhloko zezindlu zawoyise: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; yile imindeni kaRubeni.

15Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule indodana yowesifazane waseKhanani; yile imindeni kaSimeyoni.

Exodus 6 illustration - Exodus Chapter 6

16Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.

17Amadodana kaGereshoni: ngoLibini noShimeyi ngemindeni yawo.

18Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli; iminyaka yokuhamba kukaKohati yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nantathu.

19Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; yile imindeni yamaLevi ngezizukulwane zayo.

20U-Amramu wazithathela uJokebedi udadewabo kayise, abe ngumkakhe; wamzalela o-Aroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.

Exodus 6 illustration - Exodus Chapter 6

21Amadodana kaJisihari: ngoKora, noNefegi, noZikiri.

22Amadodana ka-Uziyeli: ngoMishayeli, no-Elisafani, noSitri.

23U-Aroni wazithathela u-Elisheba indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, abe ngumkakhe; wamzalela oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

24Amadodana kaKora: ngo-Asiri, no-Elkana, no-Abiyasafa; yile imindeni kaKora.

25U-Eleyazare indodana ka-Aroni wazithathela enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, ibe ngumkakhe; yamzalela uFinehasi. Yilezi izinhloko zawoyise bamaLevi ngemindeni yawo.

Exodus 6 illustration - Exodus Chapter 6

26Yibo labo o-Aroni noMose uJehova athi kubo: “Khiphani ezweni laseGibithe abantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo.”

27Yibo labo ababekhuluma kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba akhiphe abantwana bakwa-Israyeli eGibithe; yibo oMose no-Aroni.

28Kwathi mhla uJehova ekhuluma kuMose ezweni laseGibithe,

29uJehova washo kuMose, wathi: “NginguJehova; khuluma kuFaro inkosi yaseGibithe konke engikukhuluma kuwe.”

30Wayesethi uMose ebusweni bukaJehova: “Bheka, ngingowezindebe zomlomo ezingasokiwe; uFaro angangilalela kanjani na?”

Chapter Complete

You have read Exodus 6

30 verses