Lumina
Ephesians

Ephesians 3

Ephesians 3·Zulu Bible

1Ngenxa yalokho mina Pawulu ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu nina bezizwe —

2uma ngabe senizwile ngohlelo lomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngenxa yenu

3ukuthi ngaziswa imfihlakalo ngesambulo, njengalokho sengaloba ngokufushane —

4okungakho, nxa nikufunda, ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu,

5bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye, njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya

Ephesians 3 illustration - Ephesians Chapter 3

6ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli;

7engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe.

8Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo

9nokubakhanyisela ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala izinto zonke,

10ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,

Ephesians 3 illustration - Ephesians Chapter 3

11ngokwecebo laphakade alenza ngoKristu Jesu iNkosi yethu;

12okungaye sinesibindi ukungena ngokwethemba, ngokukholwa nguye.

13Ngalokho ngiyacela ukuba ningadangali ngezinhlupheko zami ngenxa yenu, okuludumo lwenu.

14Ngenxa yalokho ngiguqa ngamadolo ami kuYise,

15eyethiwa ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni,

Ephesians 3 illustration - Ephesians Chapter 3

16ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;

17uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,

18nibe namandla okuqonda kanye nabangcwele bonke okungububanzi, nobude, nokuphakama, nokujula,

19nokulwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke, ukuze nigcwaliswe kube ngukugcwala konke kukaNkulunkulu.

20Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,

Ephesians 3 illustration - Ephesians Chapter 3

21makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.

Chapter Complete

You have read Ephesians 3

21 verses