1Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: “Angithokozi ngayo,”
2yebo, lingakabi mnyama ilanga, nokukhanya, nenyanga, nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,
3ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela, amadoda anamandla agobe, abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana, abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe,
4iminyango ivalwe esitaladini, lapho umsindo wokusila uncipha, umuntu avuke ngezwi lenyoni, izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe;
5nalapho abantu besaba imimango izesabiso zibe sendleleni, umalimondi ukhahlele, intethe itotobe, izithelo zesihlahla sekaphari zingabe zisaba namandla, ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade, nabalilayo bazulazula esitaladini;

6yebo, lingakagqabuki igoda lesiliva, nokhamba lwegolide lungakaphahlazwa, nembiza ingakafi ngasemthonjeni, nesondo lingakaphuki ngasemgodini wamanzi,
7uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.
8“Ize leze,” usho uMshumayeli, “konke kuyize.”
9Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile, wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi.
10UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi anamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.

11Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo, nezigaba zawo zinjengezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye.
12Kepha phezu kwalana, ndodana yami, mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.
13Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.
14Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.
You have read Ecclesiastes 12
14 verses