Lumina
Deuteronomy

Laws of the Assembly

Deuteronomy 23·Zulu Bible

1“Olimele emasendeni noma enqunyiwe umphambili akanakungena ebandleni likaJehova.

2“Umntwana wesihlahla akanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowakhe akayikungena ebandleni likaJehova kuze kube nasesizukulwaneni seshumi.

3“Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaJehova, yebo, ongowabo akayikungena kuze kube nasesizukulwaneni seshumi ebandleni likaJehova kuze kube phakade,

4ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.

5UJehova uNkulunkulu wakho akamlalelanga nokho uBileyamu, kepha uJehova uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wakuthanda.

Deuteronomy 23 illustration - Deuteronomy Chapter 23

6Awuyikufuna ukuthula kwabo nenhlanhla yabo zonke izinsuku zakho kuze kube phakade.

7“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyikunengwa ngowaseGibithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.

8Abantwana besizukulwane sesithathu abazalwa yibo bayakungena ebandleni likaJehova.

9“Lapho usekamu ukuba ulwe nezitha zakho, wozigcina kukho konke okubi.

10Uma ekhona phakathi kwenu umuntu ongahlambulukile ngenxa yokumehleleyo ebusuku, uyakuphumela ngaphandle kwekamu, angangeni phakathi kwekamu,

Deuteronomy 23 illustration - Deuteronomy Chapter 23

11kepha ngakusihlwa uyakugeza ngamanzi, nanxa selishonile ilanga, uyakungena ekamu.

12“Makube khona indawo ngaphandle kwekamu, lapho uyakuphumela khona ukuya ngaphandle,

13ube nesimbo ezikhalini zakho; kuyakuthi lapho uya ngaphandle, umbe ngaso, ubuye usibekele okuphumile kuwe,

14ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele.

15“Unganikeli kumniniso isigqila esibalekile kumniniso seza kuwe.

Deuteronomy 23 illustration - Deuteronomy Chapter 23

16Siyakuhlala kuwe phakathi kwakho endaweni esiyakuyikhetha phakathi kwelinye lamasango akho, lapho sithanda khona; ungasicindezeli.

17“Makungabikho isifebe sethempeli emadodakazini akwa-Israyeli nasemadodaneni akwa-Israyeli.

18Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

19“Awuyikutsheleka umfowenu ngenzalo, inzalo yemali, nenzalo yokudla, nenzalo yento etshelekwa ngenzalo.

20Umfokazi ungamtsheleka ngenzalo, kepha umfowenu awuyikumtsheleka ngenzalo ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka isandla sakho kukho ezweni ongena kulo ukulidla.

Deuteronomy 23 illustration - Deuteronomy Chapter 23

21“Nxa wenza isithembiso kuJehova uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusigcwalisa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakusibiza nokusibiza kuwe, kube yisono kuwe.

22Kepha uma uyeka ukwethembisa, akuyikuba yisono kuwe.

23Lokho okuphume emlonyeni wakho uyakukugcina, ukwenze, njengokwethembisa kwakho uJehova uNkulunkulu wakho isithembiso sesihle owasethembisa ngomlomo wakho.

24“Lapho ungena esivinini somakhelwane wakho, ungadla izithelo zomvini, usuthe ngokuthanda kwakho, kepha ungafaki lutho esitsheni sakho.

25“Lapho ungena ezinhlangeni zamabele omakhelwane wakho, ungazikha izikhwebu ngesandla sakho, kepha ungabeki isikela ezinhlangeni zamabele omakhelwane wakho.

Chapter Complete

You have read Deuteronomy 23

25 verses