Lumina
Deuteronomy

Various Laws

Deuteronomy 22·Zulu Bible

1“Awuyikubona inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ucashe kuzo; wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu.

2Uma umfowenu engeseduze nawe noma ungamazi, woziyisa endlini yakho zibe nawe, aze azifune umfowenu, uzibuyisele kuye.

3Uyakwenza kanjalo nangembongolo yakhe, wenze njalo nangezingubo zakhe, wenze njalo ngazo zonke izinto ezilahlekileyo zomfowenu alahlekelwa yizo, wazithola, uze ungacashi.

4“Awuyikubona imbongolo yomfowenu noma inkabi yakhe iwile endleleni, ucashe kuzo; womsiza nokumsiza ukuzivusa.

5“Owesifazane makangagqoki okwendoda, nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

Deuteronomy 22 illustration - Deuteronomy Chapter 22

6“Uma uhlangana nesidleke senyoni endleleni phambi kwakho emthini noma siphansi, sinamazinyane noma sinamaqanda, unina efukamele amazinyane noma amaqanda, ungathathi unina kanye namazinyane,

7kepha uvumele unina ukuba asuke, wena uzithathele amazinyane ukuba kube kuhle kuwe, uzandise izinsuku zakho.

8“Nxa wakha indlu entsha, uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.

9“Awuyikutshala isivini sakho ngezinhlobo ezimbili zembewu, funa zonke izithelo zibe ngezendlu engcwele, imbewu owayitshalayo nezithelo zesivini.

10“Awuyikulima ngenkabi iboshelwe kanye nembongolo.

Deuteronomy 22 illustration - Deuteronomy Chapter 22

11“Awuyikugqoka ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana, uboya bezimvu buhlanganisiwe nelineni.

12“Uyakuzenzela izinsephe emiphethweni yomine yesambatho sakho osembathayo.

13“Uma umuntu ethatha umfazi, angene kuye, amale,

14amkhese ngezinto eziyihlazo, amenzele igama elibi, athi: ‘Ngamthatha lo wesifazane; kwathi sengisondele kuye, angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi kuye,’

15uyise nonina bentombi bayakuthatha iziqiniseko zobuntombi bentombi, baziyise kumalunga omuzi esangweni,

Deuteronomy 22 illustration - Deuteronomy Chapter 22

16uyise wentombi athi kumalunga: ‘Ngamnika lowo muntu indodakazi yami ibe ngumkakhe, useyayala;

17bhekani, umkhesile ngezinto eziyihlazo ngokuthi: “Angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi endodakazini yakho,” nokho nazi iziqiniseko zobuntombi bendodakazi yami.’ Bayakuyeneka ingubo phambi kwamalunga omuzi.

18Amalunga alowo muzi ayakumthatha lowo muntu, amlaye,

19amhlawulise ngamashekeli esiliva ayikhulu, amnike wona uyise wentombi, ngokuba uveze igama elibi phezu kwentombi yakwa-Israyeli, yona ibe ngumkakhe; angeyilahle zonke izinsuku zakhe.

20“Kepha-ke uma le nto iqinisile yokuthi iziqiniselo zobuntombi azifunyaniswanga entombini,

Deuteronomy 22 illustration - Deuteronomy Chapter 22

21bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenzile ubuwula kwa-Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

22“Uma indoda ifunyanwa ilele nowesifazane ogane enye indoda, bayakufa bobabili, indoda ebilele nowesifazane nowesifazane uqobo; kanjalo uyakukhipha ububi kwa-Israyeli.

23“Uma ikhona intombazana eyintombi iyingoduso yendoda, umuntu ayifumane emzini, alale nayo,

24niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini, nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

25“Kepha uma indoda ifumana endle intombi eyingoduso, indoda iyiphoqe, ilale nayo, indoda ebilala nayo kuphela iyakufa,

Deuteronomy 22 illustration - Deuteronomy Chapter 22

26ungenzi lutho kuyo intombi, ngokuba asikho entombini isono esifanele ukufa, lokhu le ndaba injengokuba umuntu evukela umakhelwane wakhe, ambulale,

27ngokuba wayifumana isendle; noma intombi eyingoduso yakhala, akwabakho muntu wokuyisindisa.

28“Uma indoda ifumana intombi engesiyo ingoduso, iyibambe, ilale nayo, baficwe,

29indoda ebilala nayo iyakunika uyise wentombi amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva, ibe ngumkayo, ngokuba iyonile; ingeyilahle zonke izinsuku zayo.

30“Umuntu angathathi umkayise, ambule umphetho wengubo yakhe.

Chapter Complete

You have read Deuteronomy 22

30 verses