Lumina
Amos

Woe to Those at Ease

Amos 6·Zulu Bible

1Wo kwabazinzileyo eSiyoni, nabalondekile entabeni yaseSamariya, abaqhamileyo besokuqala sezizwe, efika kubo indlu yakwa-Israyeli!

2Dlulelani eKaline, nibone; nisuke lapho, niye eHamati elikhulu, bese nehlela eGati lamaFilisti; bahle kunale mibuso yini, umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?

3nina enidedisela kude usuku olubi, kepha nisondezile isihlalo sobudlova.

4Balele emibhedeni yophondo lwendlovu, bacambalala ezinkukhweni zabo; badla amawundlu omhlambi namathole avela phakathi kwesibaya.

5Bahaya ngomsindo wogubhu, baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.

Amos 6 illustration - Amos Chapter 6

6Baphuza imikhele yewayini, bazigcoba ngamafutha amahle, kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.

7Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo, kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.

8INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi: “Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe, ngizonda izindlu zakhe zamakhosi; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”

9Kuyakuthi uma kusele amadoda ayishumi endlini inye, afe.

10Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: “Kusekhona muntu kuwe na?” yena esephendula athi: “Akusekho,” khona wothi: “Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.”

Amos 6 illustration - Amos Chapter 6

11Ngokuba bhekani, uJehova uyayaleza: uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu, nendlu encane ibe yizingcezu.

12Amahhashi ayagijima emadwaleni, kulinywa elwandle ngezinkabi, na? Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu, nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,

13nina enithokoza ngento engelutho, nithi: “Asizithathelanga izimpondo ngamandla ethu na?”

14“Ngokuba bhekani, ngiyakunivusela isizwe nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti; “bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni wase-Araba.”

Chapter Complete

You have read Amos 6

14 verses