Lumina
Amos

Judgment on Judah and Israel

Amos 2·Zulu Bible

1Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako.

2Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi, uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela, nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.

3Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe, ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” usho uJehova.

4Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova, abagcinanga izimiso zakhe, namanga abo abadukisile, abawalandelayo nawoyise.

5Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”

Amos 2 illustration - Amos Chapter 2

6Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva, nompofu ngamabhangqa ezicathulo.

7Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi, bachezukisa indlela yabathobileyo; indoda noyise baya entombininye, ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,

8bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso eceleni kwawo onke ama-altare, baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

9“Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo, akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari, ayenamandla njengama-oki; kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.

10“Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

Amos 2 illustration - Amos Chapter 2

11Ngavusa kumadodana enu abaprofethi nasezinsizweni zenu amaNaziri. Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.

12“Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini, ngokuthi: ‘Ningaprofethi.’

13“Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yenu njengengqukumbane icindezela, igcwele izithungu.

14Onejubane uyakuswela ukubaleka; onamandla akayikuqinisa amandla akhe, neqhawe aliyikuzikhulula.

15Obambe umnsalo akayikuma; onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula, nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;

Amos 2 illustration - Amos Chapter 2

16onesibindi phakathi kwamaqhawe uyakubaleka ze ngalolo suku,” usho uJehova.

Chapter Complete

You have read Amos 2

16 verses