Lumina
2Samuel

David's Last Words; Mighty Men

2Samuel 23·Zulu Bible

1Lawa angamazwi okugcina kaDavide. “UDavide indodana kaJese uthi, umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi, ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe nomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:

2“UMoya kaJehova wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.

3UNkulunkulu ka-Israyeli wathi, iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokumesaba uNkulunkulu,

4unjengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga, isasa elingenamafu, lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza emhlabathini emva kwemvula.’

5“Ayinjalo indlu yami kuNkulunkulu na? Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade; sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile, ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami akayikukuhlumisa na?

2Samuel 23 illustration - 2Samuel Chapter 23

6Kepha onke amashinga ayakuba njengameva alahlwayo, ngokuba angephathwe ngesandla.

7Kodwa umuntu owathintayo wohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto, aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyo ndawo.”

8Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.

9Emva kwakhe kwakungu-Eleyazare indodana kaDodayi indodana yomAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhla edelela amaFilisti ayebuthene lapho ukulwa, abantu bakwa-Israyeli sebehambile;

10wasuka wabulala amaFilisti saze sakhathala isandla sakhe, isandla sakhe sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; abantu babuya emva kwakhe ukuba baphange kuphela.

2Samuel 23 illustration - 2Samuel Chapter 23

11Emva kwakhe kwakunguShama indodana ka-Age umHarari. AmaFilisti ayebuthene eLehi, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele imbumba; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.

12Kepha wayemi phakathi nesiqephu, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uJehova wenza insindiso enkulu.

13Kwehla abathathu kwaba yizinhloko ezingamashumi amathathu, bafika kuDavide ngesikhathi sokuvuna emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.

14UDavide wayesesenqabeni; ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.

15UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema ongasesangweni.”

2Samuel 23 illustration - 2Samuel Chapter 23

16Lawo maqhawe amathathu afohla ikamu lamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehama owawungasesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova.

17Wathi: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze lokhu; kuyigazi lalabo bantu ababesuka besengozini.” Akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.

18U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.

19Wayengengotusekayo phakathi kwamashumi amathathu na? Ngalokho waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga nokho kwabathathu bokuqala.

20UBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa,

2Samuel 23 illustration - 2Samuel Chapter 23

21wabulala nowaseGibithe, umuntu owabukeka emuhle; owaseGibithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kepha wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.

22Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu.

23Wayetuseka kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala. UDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.

24Phakathi kwabangamashumi amathathu kwakukhona u-Asaheli umfowabo kaJowabe, no-Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema,

25noShama waseHarodi, no-Elika waseHarodi,

2Samuel 23 illustration - 2Samuel Chapter 23

26noHelesi wasePaliti, no-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa,

27no-Abiyezeri wase-Anathoti, noMebunayi umHushati,

28noSalimoni umAhohi, noMaharayi waseNethofa,

29noHelevi indodana kaBahana waseNethofa, no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini,

30noBenaya wasePirathoni, noHidayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi,

2Samuel 23 illustration - 2Samuel Chapter 23

31no-Abi Aliboni wase-Araba, no-Azimaveti waseBarhumi,

32no-Eliyaba waseShahaliboni, noBene Jasheni, noJonathani,

33noShama waseHarari, no-Ahiyamu indodana kaSharari wase-Arari,

34no-Elifeleti indodana ka-Ahashibayi indodana yomMahakha, no-Eliyamu indodana ka-Ahithofeli waseGilo,

35noHeserayi waseKarmeli, noPhaharayi wase-Arabi,

2Samuel 23 illustration - 2Samuel Chapter 23

36no-Igali indodana kaNathani waseSoba, noBani wakwaGadi,

37noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, izindibi zezikhali zikaJowabe indodana kaSeruya,

38no-Ira waseJetheri, noGarebi waseJetheri,

39no-Uriya umHeti, bengamashumi amathathu nesikhombisa bebonke.

Chapter Complete

You have read 2Samuel 23

39 verses